NgokukaLuka 7:11-35
NgokukaLuka 7:11-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; abaningi babafundi bakhe bahamba naye nesixuku esikhulu. Esesondela ngasesangweni lomuzi, bheka, kwakukhona ofileyo ekhishelwa phandle, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi, nabantu abaningi bomuzi babe naye. Yathi iNkosi imbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali. Wasesondela wathinta uhlaka; abaluthweleyo bema. Yathi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka. Ofileyo wavuka wahlala, waqala ukukhuluma. Wamnikela kunina. Ukwesaba kwehlela phezu kwabo bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu; nokuthi, UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe. Leli zindaba ngaye laphumela kulo lonke iJudiya nakulo lonke izwe langakhona. Abafundi bakaJohane bamtshela ngazo zonke lezizinto. UJohane esebizele kuye ababili kubafundi bakhe, wabathuma kuJesu ukuthi: “Wena unguye ozayo na? noma sifuna omunye? Kwathi efika kuye amadoda athi: UJohane uMbhabhathizi usithumile kuwe esithi: Wena unguye ozayo yini? noma sifuna omunye? Ngaleso sikhathi waphulukisa abaningi ezifweni zabo, nasezifweni, nasemoyeni ababi; nezimpumputhe eziningi wazipha ukubona. UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimtshele uJohane lokho enikubonile nenikuzwile; ukuthi izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayelwa ivangeli. Futhi ubusisiwe ongayikukhubeka ngami. Zathi sezimukile izithunywa zikaJohane, waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphumela ukuyobonani ehlane na? Umhlanga unyakaziswa ngumoya na? Kodwa naphumela ukuyabonani na? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? Bhekani, abembethe eziwubukhazikhazi, bephila kamnandi, basezindlini zamakhosi. Kodwa naphumela ukuyabonani na? Umprofethi? Yebo, ngithi kini, nodlula umprofethi. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho. Ngokuba ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho umprofethi omkhulu kunoJohane uMbhapathizi, kepha omncinyane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye. Nabo bonke abantu abamuzwayo nabathelisi bathi uNkulunkulu ulungile, bebhapathizwa ngobhapathizo lukaJohane. Kepha abaFarisi nezazimthetho bala icebo likaNkulunkulu eliqondene nabo, bengabhapathizwa nguye. Yathi iNkosi: Pho abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? futhi bafana nani? Bafana nabantwana abahlezi esigcawini, bememezana bethi: “Sinishayele imitshingo, kepha anisinanga; sililile kini, kodwa anikhalanga. Ngokuba uJohane uMbhapathizi wafika engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi: ‘Unedemoni.’ INdodana yomuntu ifikile idla, inatha; nithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umngane wabathelisi nezoni. Kodwa ukuhlakanipha kulungisiswa ngabantwana bakho bonke.
NgokukaLuka 7:11-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngakusasa, uJesu waya emzini okuthiwa yiNayini; abafundi bakhe babehamba naye nesixuku esikhulu. Esesondele ngasesangweni lomuzi, wathola kukhona ofileyo owayethwelwe eyongcwatshwa, indodana eyodwa vo kunina, owayengumfelokazi. Kwakunesixuku esikhulu sabantu balowo muzi ababemphelekezela. INkosi yakubona lokho, yaba nesihe, yathi kuye: “Ungakhali.” Yasondela, yathinta uhlaka; ababeluthwele bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: vuka!” Obefile wavuka, wahlala ngezinqe, waqala ukukhuluma. Wayesemnikeza unina. Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.” Lezi zindaba ngoJesu zasabalala kulo lonke iJudiya nasezindaweni ezakhelene nalo. Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezi zinto. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?” Afika kuye lawo madoda, athi: “Sithunyiwe kuwe nguJohane uMbhabhadisi, obuza ukuthi: ‘Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?’ ” Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli. Ubusisiwe lowo ongayukukhubeka ngami.” Kuthe sezihambile izithunywa zikaJohane, waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ethi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezintofontofo na? Phela abembethe okukhazimulayo, futhi betamasa, basezigodlweni zamakhosi. Kepha naphuma ukuyobonani na? Umphrofethi? Yebo, ngithi kini: owedlula umphrofethi. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Ngiyathuma isithunywa sami phambi kwakho, esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’ “Ngithi kini: akukho namunye kwabazelwe ngowesifazane omkhulu kunoJohane, kepha omncinyane embusweni kaNkulunkulu, mkhulu kunaye.” Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebekuzwile lokho bavuma ukuthi uNkulunkulu ulungile, babhabhadiswa ngombhabhadiso kaJohane. Kepha abaFarisi nezazimthetho abayemukelanga inhloso kaNkulunkulu emaqondana nabo, benqaba ukubhabhadiswa nguye. “Ngakho, ngingabafanisa nani abantu balesi sizukulwane na? Bafana nani? Bafana nabantwana abahlezi esigcawini, bememezana bethi: “ ‘Sinishayele imitshingo, kodwa anisinanga; sahlabelela ingoma yesililo, kodwa anililanga.’ “Ngokuba uJohane uMbhabhadisi wafika engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nathi: ‘Unedimoni.’ INdodana yomuntu ifike yadla, yaphuza, kepha nithi: ‘Bhekani lo umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kubonakaliswa kuyiqiniso kulabo abakwemukelayo.”
NgokukaLuka 7:11-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu. Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye. Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.” Yasondela, yathinta uhlaka; abaluthweleyo base bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina. Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.” Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ” Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona. Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.” Sezimukile izithunywa zikaJohane, yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi. Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’ “Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.” Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane. Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye. “Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na? Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi: “ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’ “Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’ Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.”
NgokukaLuka 7:11-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)