NgokukaLuka 23:50-56
NgokukaLuka 23:50-56 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguJosefa, engumeluleki; futhi wayeyindoda elungileyo, elungile; Yena wayengavumelananga necebo nesenzo sabo; wayengowase-Arimathiya umuzi wamaJuda, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu. Yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngelineni, yasibeka ethuneni eliqoshwe etsheni, okungakabekwa muntu kulo. Ngalolo suku kwakuwukulungiselela, nesabatha lase lisondela. Nabesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna, nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.
NgokukaLuka 23:50-56 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona indoda igama layo kunguJosefa, iyilungu lomphakathi, iqotho, futhi ilungile. Yona yayingahambisani necebo nesenzo sabo. Yayivela e-Arimatheya, umuzi wabaJuda; yayilinde ukufika kombuso kaNkulunkulu. Yaya kuPilatu yayocela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungiselela, futhi sekuzoqala isabatha. Abesifazane ababehamba noJesu bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, bayolungisa amafutha namakha, kodwa ngesabatha baphumula njengokusho komthetho.
NgokukaLuka 23:50-56 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka-ke, kwakukhona indoda, igama layo nguJosefa, eyilungu lomphakathi, indoda enhle nelungileyo – yona yayingavumanga icebo nesenzo sabo – eyase-Arimatheya umuzi wabaJuda, eyayibheke umbuso kaNkulunkulu; yona yaya kuPilatu, yacela isidumbu sikaJesu. Yasehlisa, yasisonga ngendwangu enhle, yasibeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, lapho kungakabekwa muntu khona. Kwakulusuku lokulungisela; isabatha lase lizakuqala. Abesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna nokubekwa kwesidumbu sakhe. Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.
NgokukaLuka 23:50-56 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)