NgokukaLuka 23:32-34
NgokukaLuka 23:32-34 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa.
NgokukaLuka 23:32-34 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, ezaziqhutshwa ukuba ziyobulawa kanye naye. Kuthe sebefikile endaweni okuthiwa iKhanda, bambethela lapho uJesu nezelelesi, esinye singakwesokunene esinye singakwesokhohlo. UJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana ngezingubo zakhe, benzelana unkatho.
NgokukaLuka 23:32-34 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye. Sebefikile endaweni ethiwa iKhanda bambethela khona nazo izelelesi, esinye ngakwesokunene nesinye ngakwesokhohlo. Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.
NgokukaLuka 23:32-34 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)