NgokukaLuka 21:10-15
NgokukaLuka 21:10-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wasesithi kubo: Isizwe sizavukela isizwe, lombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Kuzaphendukela kini kube ngubufakazi. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningacabangi ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani.
NgokukaLuka 21:10-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayesethi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. “Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Lokhu kuyakuninika ithuba lokuba nifakaze. Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini, ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.
NgokukaLuka 21:10-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. “Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Kuyakunehlela kube ngubufakazi. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.
NgokukaLuka 21:10-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)