NgokukaLuka 13:31-35
NgokukaLuka 13:31-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalolo suku kwafika abaFarisi abathile, bathi kuye: “Phuma, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala. Wathi kubo: “Hambani niyitshele leyo mpungushe ukuthi: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukisa abantu namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe. Nokho ngimelwe ukuhamba namuhla nakusasa nangomuso, ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga! Bhekani, indlu yenu isisala nani; ngiqinisile ngithi kini: Aniyikungibona, kuze kufike isikhathi eniyakusho ngaso ukuthi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’
NgokukaLuka 13:31-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngaleso sikhathi kweza kuJesu, abanye babaFarisi bathi kuye: “Suka, uhambe lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.” UJesu wathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi: ‘Ngikhipha amadimoni, ngiphilise abagulayo, namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ Nokho kumele ukuba namuhla nakusasa nangomhlomunye ngihambe, ngokuba akunakwenzeka ukuba umphrofethi afele ngaphandle kwaseJerusalema. “Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga. Indlu yenu isele iyinxiwa kini, kodwa ngithi kini: anisoze nangibona, kuze kube mhla nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
NgokukaLuka 13:31-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.” Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’ Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema. “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga. Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”
NgokukaLuka 13:31-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)