NgokukaLuka 1:26-33
NgokukaLuka 1:26-33 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha. Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya. Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane. Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.
NgokukaLuka 1:26-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenyanga yesithupha, ingelosi uGabhriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini eGalile, okuthiwa yiNazaretha, entombini eyayithenjiswe umendo yindoda enguJosefa, wendlu kaDavide; igama lentombi kwakunguMariya. Seyifikile, yasondela ingelosi lapho ayekhona, yathi kuye: “E! Wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka lapho ezwa izwi layo, wazindla ngokuthi kungaba kubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama uthi nguJesu. Yena uyakuba mkhulu, abizwe ngokuthi yiNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi, sikayise uDavide; uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.”
NgokukaLuka 1:26-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile ogama lawo yiNazaretha, entombini eyayimiselwe indoda ebizo layo nguJosefa wendlu kaDavide; ibizo lentombi nguMariya. Yangena ingelosi kuye, yathi: “E wena ophiwe umusa! INkosi inawe; ubusisiwe esifazaneni.” Kepha yena wethuka ngezwi layo ezindla ngokuthi kungaba ngukubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, athiwe iNdodana yoPhezukonke; iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide; uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”
NgokukaLuka 1:26-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)