ULevitikusi 6:1-30 - Compare All Versions

ULevitikusi 6:1-30 ZUL20 (IsiZulu 2020)

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Uma umuntu ona, enza isiphambeko kuSimakade ngokukhohlisa umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma eyisibambiso, noma amqole, noma ecindezela umakhelwane wakhe, noma ethola into ebilahlekile bese eyiphika, noma afunge ngenkohliso mayelana nanoma yikuphi kwalokho akwenzileyo, uyona. Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola; nayikuphi afunge ngamanga ngakho, uyokubuyisela, aze athasisele okwesihlanu kukho, uyokunika lowo obelahlekelwe ngosuku lomnikelo wakhe wecala. Uyoletha kuSimakade umnikelo wakhe wecala, ube yinqama engenasici ayithathe emhlanjini noma olingana nayo ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumphristi, umphristi uyomenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade, athethelelwe konke akwenzile waba necala ngakho.” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Nansi indlela engumthetho wokwenza umnikelo wokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala e-althare ubusuku bonke kuze kube ngakusasa, umlilo ose-althare uhlale njalo uvutha. Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo. Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo. Umlilo ose-althare kufanele uhlale uvutha, ungacinywa, umphristi uyokokhela izinkuni kuwo njalo ekuseni, ahlele umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula. Umlilo uyohlala uvutha njalo e-althare, ungacinywa. “ ‘Lena yindlela yomthetho yomnikelo wokusanhlamvu eyolandelwa: amadodana ka-Aroni ayowunikela phambi kukaSimakade ngaphambi kwe-althare. Ayocaphuna kuwo kugcwale isandla, impuphu ecolisekileyo namafutha omnikelo wokusanhlamvu, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wokusanhlamvu, akushise e-althare kube yisikhumbuzo sephunga elimnandi kuSimakade. U-Aroni namadodana akhe bayodla okusele kuwo, bakudle kungenamvubelo endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana. Akuyukubhakwa ngemvubelo. Ngikumisile kube yisabelo sabo eminikelweni yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nomnikelo wecala. Bonke abesilisa phakathi kwezizukulwane zika-Aroni bayokudla lokho, kumisiwe kwaba yisabelo saphakade ezizukulwaneni ngezizukulwane zabo, emnikelweni yomlilo kaSimakade; noma yini ewuthintayo iyakuba ngcwele.’ ” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Lona ngumnikelo u-Aroni namadodana akhe abayakuwunikela kuSimakade mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo ojwayelekile; ingxenye yawo ekuseni nengxenye yawo kusihlwa. Uyokwenziwa ngamafutha emqengeleni, uyowungenisa usuxutshwe kahle waba yizingcezu, uyowunikela uyizingcezu; ube yiphunga elimnandi kuSimakade. Umphristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe, uyowunikela uyisabelo esimisiwe esiphakade sikaSimakade; uyoshiswa wonke. Yonke iminikelo yokusanhlamvu yomphristi iyoshiswa yonke; ingadliwa.” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngeminikelo yesono: umnikelo wesono kufanele uhlatshelwe endaweni lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa phambi kukaSimakade; ungcwelengcwele. Umphristi onikela umnikelo wesono, uyowudla endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana. Noma yini eyothinta inyama yawo iyoba ngcwele; lapho igazi lawo lichaphazeleke engutsheni, uyoyigeza endaweni engcwele ingxenye yengubo echaphazelekile. Kodwa isitsha sebumba obekuphekelwe kuso siyophihlizwa, kodwa uma bekuphekelwe kwesethusi kumele siphalwe bese sigezwa ngamanzi. Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele. Kepha yonke iminikelo yesono okungeniswe igazi layo ethendeni lokuhlangana ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ayinakudliwa; iyoshiswa ngomlilo.’ ”

ULevitikusi 6:1-30 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Uma umuntu ona, enze isiphambeko kuJehova, akhohlise umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma isibambiso noma into ephangiweyo, noma ecindezela umakhelwane wakhe, noma, lapho ethola into elahlekileyo, eyiphika, afunge amanga, noma yikuphi kukho konke lokhu umuntu akwenzayo one ngakho, khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo, noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala. Woletha umnikelo wakhe wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumpristi, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala eziko le-altare ubusuku bonke kuze kuse, umlilo we-altare uhlale kulo uvutha njalo. Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare. Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo. Umlilo ophezu kwe-altare uyakuhlala kulo uvutha njalo, ungacimi; umpristi uyakubasa izinkuni kulo ekuseni njalo, ahlele kulo umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula. Umlilo wohlala e-altare uvutha njalo, ungacimi. “ ‘Nanku umthetho weminikelo yempuphu: amadodana ka-Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare. Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e-altare kube yisikhumbuzo sawo, kube yiphunga elimnandi kuJehova. Okuseleyo kuwo kuyakudliwa ngu-Aroni namadodana akhe, kudliwe ngaphandle kwemvubelo endaweni engcwele, bakudlele egcekeni letende lokuhlangana. Akuyikuphekwa ngemvubelo. Ngikunike kube yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala. Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Nanku umnikelo ka-Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa. Uyakwenziwa emqengeleni ngamafutha; usuxutshanisiwe wowungenisa, unikele ngomnikelo wempuphu, ube yizingcezu ezihleshuliweyo, zibe yiphunga elimnandi kuJehova. Umpristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe wonikela ngawo, kube yisimiso esiphakade; woshiswa wonke. Yonke iminikelo yempuphu yompristi yoshiswa yonke, ingadliwa.” UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho weminikelo yesono; endaweni ohlatshelwe kuyo umnikelo wokushiswa, mawuhlatshelwe khona umnikelo wesono phambi kukaJehova; ungcwelengcwele. Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana. Konke okuyakuthinta inyama yawo kuyakuba ngcwele; nxa ingubo ifafazwa ngegazi lawo, lapho kufafazwe khona uyakukugeza endaweni engcwele. Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe, kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi. Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ungcwelengcwele. Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.

ULevitikusi 6:1-30 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Uma umuntu ona, enze icala kuJehova, aqambe amanga kumakhelwane wakhe kulokho akunikelwe ukuba akulondoloze, noma ngenhlanganyelo, noma ngento ethathwe ngendluzula, noma ekhohlisile umakhelwane wakhe; noma ethole obekulahlekile, aqambe amanga, afunge amanga ngakho; kuzo zonke lezi zinto umuntu azenzayo ngokona kuzo. Khona-ke kuyakuthi, ngenxa yokuthi wonile futhi unecala, kufanele abuyisele lokho akuthathile ngamandla, noma lokho akuthole ngobuqili, noma lokho akuphiwa ukuba akugcine, noma okulahlekile akutholile, Noma konke afunga ngakho amanga; kumelwe alibuyisele ecaleni elikhulu, engeze kulo okwesihlanu okwesihlanu, alinike lowo okumfanele ngosuku lomnikelo wakhe wecala. Wonikela ngomnikelo wakhe wecala kuJehova, inqama engenasici yasemhlambini, njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala kumpristi. Umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo phambi kukaJehova, futhi uyothethelelwa noma yini kukho konke akwenzile ngokweqa ngakho. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: Nanku umthetho womnikelo wokushiswa: Lona ngumnikelo wokushiswa womlilo ophezu kwe-altare ubusuku bonke kuze kuse, nomlilo we-altare uyakuvutha phezu kwawo. Umpristi kumelwe agqoke ingubo yakhe yelineni futhi kumelwe agqoke ibhulukwe lakhe lelineni phezu kwenyama yakhe, asuse umlotha oshiswe ngumlilo kanye nomnikelo wokushiswa e-altare, awubeke eceleni kwe-altare. Kumelwe akhumule izingubo zakhe agqoke ezinye izingubo, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile. Umlilo ophezu kwe-altare kumelwe uvuthe kulo; ingase ingacimi; umpristi abeke izinkuni phezu kwawo njalo ekuseni, ahlele umnikelo wokushiswa phezu kwawo; abeke phezu kwalo amanoni eminikelo yokuthula. Umlilo uzavutha njalo phezu kwelathi; akusoze kwaphuma. Nanku umthetho womnikelo owenziwa ngomlilo: amadodana ka-Aroni kumelwe awulungise phambi kukaJehova phambi kwe-altare. Athabathe kuwo isandla sakhe, agcwale impuphu yomnikelo wempuphu, nasemafutheni awo, nayo yonke impepho ephezu komnikelo wempuphu, akushise e-altare, kube yiphunga elimnandi, okuyisikhumbuzo somnikelo wempuphu. Yona, eNkosini. Okusele kuwo kumelwe kudle u-Aroni namadodana akhe; uyakudliwa kanye nesinkwa esingenamvubelo endaweni engcwele; bayakukudla egcekeni letende lokuhlangana. Akumelwe kuphekwe ngemvubelo. Ngabanika yona njengesabelo sabo seminikelo yami yomlilo; ungcwelengcwele njengomnikelo wesono nomnikelo wecala. Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni kumelwe bawudle. Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu mayelana neminikelo yomlilo kaJehova; oyithintayo uyakuba ngcwele. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Lona ngumnikelo ka-Aroni namadodana akhe okufanele bawulethe kuJehova ngosuku egcotshwa ngalo; okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wokudla waphakade, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho ebusuku. Kumelwe wenziwe ngamafutha epanini; lapho sekuphekiwe, wokungenisa; futhi kumelwe ulungise izingcezwana zomnikelo womlilo zibe yiphunga elimnandi kuJehova. Umpristi ogcotshwe esikhundleni sakhe emadodaneni akhe kumelwe awulungise. Kuyisimiso esiphakade kuJehova; kumelwe ishiswe ngokuphelele. Ngoba wonke umnikelo wokudla wompristi kumelwe ushiswe wonke; ingadliwa. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Nanku umthetho womnikelo wesono: Endaweni lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa, umnikelo wesono uyakuhlatshelwa phambi kukaJehova; ungcwelengcwele. Umpristi onikela ngawo ngenxa yesono uyakuwudla; uyakudliwa endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana. Konke okuthinta inyama yayo kuyakuba ngcwele; uma igazi lawo lifafazwa engutsheni, woyigeza efafazwe phezu kwayo endaweni engcwele. Kodwa imbiza yebumba ebicwiliswe kuyo izakwephulwa; uma icwiliswe ebhodweni lethusi, kumelwe iphuculwe futhi ihashazwe ngamanzi. Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla; ingcwelengcwele. “Kepha akukho mnikelo wesono, igazi lawo elingeniswa etendeni lokuhlangana ukwenza ukubuyisana ngawo endaweni engcwele, awuyikudliwa; kumelwe ishiswe ngomlilo.