ULevitikusi 19:19-37
ULevitikusi 19:19-37 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Niyakuzigcina izimiso zami. Aniyukuvumela izilwane zenu zizekwe ngolunye uhlobo. Aniyukuhlwanyela ensimini yenu izinhlobo ezimbili zembewu, futhi aniyukugqoka ingubo eyenziwe ngezinhlobo ezimbili zezintanjana. “ ‘Oyolala nowesifazane oyisigqila eyingoduso yomunye, kodwa engahlengiwe, noma athole inkululeko, kuyokwenziwa ucwaningo, abanakubulawa ngenxa yokuba wayengakanikwa inkululeko. Uyoletha umnikelo wakhe wecala kuSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala. Umphristi uyomenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaSimakade, ngenxa yesono sakhe asenzileyo, athethelelwe esonweni sakhe asenzileyo. “ ‘Uma senifikile ezweni, niyotshala izinhlobonhlobo zemithi edliwayo, kuthi izithelo zayo nizithathe njengokungasoki kwayo iminyaka emithathu zibe njengezingasokiwe kini: aniyukuzidla. Kepha ngonyaka wesine zonke izithelo zayo ziyokuba ngcwele, ezokudumisa uSimakade. Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘Aniyukudla lutho olunegazi, aniyukwenza imilingo, noma nihumushe izimpawu. “ ‘Aniyukudilinga amakhanda enu emaceleni; awuyukona isilevu sakho emaceleni. “ ‘Aniyukuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo; aniyukuqopha mibhalo emabalabala kuyo; nginguSimakade. “ ‘Awuyukuyingcolisa indodakazi yakho ngokuyigqugquzela ukuba ibe yisifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, ligcwale ukonakala. “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade. “ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘Uyosukuma nxa kumi impunga phambi kwakho, uyomhlonipha umuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguSimakade. “ ‘Uma umfokazi egogobele ezweni lakini, aniyukumcindezela. “ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. “ ‘Aniyukwenza ukungalungi lapho nehlulela, nasekulinganiseni isisindo nomthamo. Niyakuba nezilinganiso zeqiniso, nezisindo zeqiniso, ne-efa leqiniso, nehini leqiniso; nginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. “ ‘Niyozigcina zonke izimiso zami, nizenze zonke izehlulelo zami; nginguSimakade.’ ”
ULevitikusi 19:19-37 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Niyakugcina izimiso zami; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana. “ ‘Olala nowesifazane oyisigqilakazi eyingoduso, engahlengiwe, engakhululiwe ngesihle, makabe nesijeziso, angabulawa nokho, ngokuba wayengakhululekile. Uyakuletha umnikelo wakhe wecala kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala. Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso, athethelelwe isono sakhe one ngaso. “ ‘Nanxa senifikile ezweni, nitshale imithi eyizinhlobonhlobo edliwayo, anothi izithelo zayo zingukungasoki kwayo; iminyaka emithathu iyakuba njengengasokiwe kini: mazingadliwa. Kepha ngomnyaka wesine zonke izithelo zayo ziyakuba ngcwele, ezokumdumisa uJehova. Ngomnyaka wesihlanu niyakudla kuzo izithelo zayo, ukuze inithelele kakhulu; nginguJehova uNkulunkulu wenu. “ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola. “ ‘Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni; ungoni isilevu sakho emaceleni. “ ‘Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova. “ ‘Awuyikuhlambalaza indodakazi yakho ukuyenza isifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, izwe ligcwale ukonakala. “ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova. “ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu. “ ‘Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova. “ ‘Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha. Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu. “ ‘Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi. Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa* elilungileyo, nehini* elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe. “ ‘Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami, nizenze; nginguJehova.’ ”
ULevitikusi 19:19-37 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumelwe nigcine izimiso zami. Akumelwe uhlatshwe imfuyo yakho ngezinhlobo ezahlukene; ungahlwanyeli izwe lakho ngembewu exubile; nengubo exutshwe nelineni noboya ayiyikwehlela phezu kwakho. Yilowo nalowo olala nowesifazane oyisigqilakazi esiganwe yindoda, ingahlengwanga, noma inikezwe inkululeko; uyakushaywa; bangabulawa, ngokuba ubengakhululekile. Uyakunikela ngomnikelo wawo wecala kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala. Umpristi uyakumenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaJehova ngesono sakhe one ngaso; futhi isono one ngaso kumelwe athethelelwe. Futhi lapho nifika ezweni futhi nitshale zonke izinhlobo zemithi ukuba zidliwe, kumelwe nibheke izithelo zayo njengezingasokile; iminyaka emithathu liyakuba ngokungasoki kini; ingadliwa. Kodwa ngomnyaka wesine zonke izithelo zawo zizakuba ngcwele ukuze zidumise uJehova. Ngomnyaka wesihlanu lizadla isithelo salo, ukuze lilithele izithelo zalo; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Ningadli igazi; Akumelwe niphendule emakhoneni amakhanda enu, futhi akumelwe niwole emaceleni entshebe yenu. Aniyikuzigcaba enyameni yenu ngenxa yabafileyo, ningazifaki amabala; nginguJehova. Ungaphingi nendodakazi yakho ukuze uyenze isifebe; funa izwe liwele ebufebeni futhi izwe ligcwale ububi. Anogcina amasabatha ami, nihawukele indlu yami engcwele; nginguJehova. Ningayinaki imimoya yabafileyo, ningafuni abathakathi ukuba ningcoliswe yiyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Kumelwe usukume phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bexhegu, wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova. Uma umfokazi ehlala nani ezweni lakini, aniyikumhlupha; Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu. Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekuphakameni, esisindweni, nasesilinganisweni; Kuphela niyakuba nezikali, nezilinganiso ezinhle, ne-efa elihle, nehini elihle; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe. Ngakho anogcina zonke izimiso zami nezahlulelo zami zonke, nikwenze lokhu: nginguJehova.