ULevitikusi 18:1-5
ULevitikusi 18:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguSimakade uNkulunkulu wenu. Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo. Niyokwenza izehlulelo zami, nigcine imithetho yami, nihambe ngayo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.
ULevitikusi 18:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu. Ningenzi njengokwemisebenzi yezwe laseGibithe enahlala kulo, ningenzi futhi njengokwemisebenzi yezwe laseKhanani enginiyisa kulo, ningahambi ngemithetho yabo. Nenze izahlulelo zami, nigcine imithetho yami ukuba nihambe ngayo; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.
ULevitikusi 18:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Khuluma kubantwana bakoIsrayeli uthi kubo: NgiyiNkosi uNkulunkulu wenu. Njengokwezenzo zezwe laseGibithe enahlala kulo, aniyikwenza; futhi ningenzi njengokwenza kwezwe laseKhanani enginiyisa kulo; futhi aniyikuhamba ngezimiso zabo. Niyakwenza izimiso zami, nigcine izimiso zami, nihambe ngazo; nginguJehova uNkulunkulu wenu. Ngakho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ekwenza lokhu, makahlale kulo; nginguJehova.