UJoshuwa 6:1-16 - Compare All Versions
UJoshuwa 6:1-16 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu. UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla. Niyakuhaqa umuzi, onke amadoda empi, niwuzungeze umuzi kanye. Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha. Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo. Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.” UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi, wathi kubo: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa bathwale amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova.” Kubantu wathi: “Dlulani, niwuzungeze umuzi, abahlomileyo badlule phambi komphongolo kaJehova.” Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu, abapristi abayisikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi kukaJehova badlula, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela. Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba. UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.” Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzungeze umuzi, wawuhaqa kanye; base befika ekamu,* balala ubusuku ekamu. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova. Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba. Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu;* benze njalo izinsuku eziyisithupha. Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa. Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.
UJoshuwa 6:1-16 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Amasango eJerikho ayevaliwe ngaphakathi nangaphandle ngenxa yabantu bakwa-Israyeli; kwakungaphumi futhi kungangeni muntu. USimakade wathi kuJoshuwa: “Bheka, ngilinikele kuwe iJerikho, lona kanye nenkosi yalo namaqhawe alo anamandla. Niyakuhamba niwuzungeze kanye umuzi. Uyakukwenza lokhu izinsuku eziyisithupha, nabaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama, behamba phambi komphongolo wesivumelwano. Ngosuku lwesikhombisa uyakuwuzungeza umuzi kuze kube kasikhombisa, abaphristi bebetha amacilongo. Kuyothi lapho beshaya uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nje nikuzwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakumemeza ngesaho esikhulu, udonga lomuzi luyakudilika bese bonke abantu begasela phakathi.” Ngakho-ke uJoshuwa, indodana kaNuni, wabiza abaphristi, wathi kubo: “Thathani umphongolo wesivumelwano bese abaphristi abayisikhombisa baphathe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama phambi komphongolo kaSimakade.” Wathi kubantu: “Phikelelani phambili, niwuzungeze umuzi; amadoda ahlomile mawedlule phambi komphongolo kaSimakade.” Njengoba uJoshuwa ayebayalile abantu, abaphristi abayisikhombisa bephethe amacilongo ayisikhombisa ezimpondo zezinqama bahamba phambi kukaSimakade befutha amacilongo abo, nomphongolo wesivumelwano sikaSimakade ulandela ngemuva kwabo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabaphristi ababeshaya amacilongo. Amanye ahamba ngemuva elandela umphongolo, abashaya amacilongo bawashaya kabaze baphumula. UJoshuwa wabayala abantu, wathi: “Aniyukukhuza saga, aniyukumemeza, futhi aniyukusho lutho kuze kube lusuku engiyonitshela ngalo ukuba nikhuze isaga. Lapho-ke niyakumemeza nikhamuluke.” Umphongolo kaSimakade wazungeza umuzi, wawuzungeza kanye, base bebuyela enkanjini yabo, balala lobo busuku lapho babekanise khona. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abaphristi bathatha umphongolo kaSimakade. Abaphristi abayisikhombisa ababephethe amacilongo ezimpondo zezinqama ayisikhombisa, bedlula phambi komphongolo kaSimakade beshaya amacilongo. Amadoda ahlomile ahamba phambi kwabo, amanye alandela umphongolo kaSimakade, kwathi abashaya amacilongo bawashaya bengaphumuli. Ngosuku lwesibili bahamba bawuzungeza umuzi kanye, base bebuyela enkanjini. Bakwenza lokho izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesikhombisa bavuka ekuseni kusempondozankomo bahamba bawuzungeza umuzi ngendlela efanayo, kwaze kwaba kasikhombisa. Kwakungalolo lusuku kuphela lapho bahamba bawuzungeza kasikhombisa umuzi. Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.
UJoshuwa 6:1-16 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
IJeriko lalivaliwe ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; akuphumi muntu kungangeni muntu. UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikela esandleni sakho iJeriko nenkosi yalo namaqhawe anamandla; Kumelwe nizungeze umuzi, wonke amadoda enu empi, nizungeze umuzi kanye. Ngakho kufanele wenze izinsuku eziyisithupha. Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi bashaye amacilongo. Lapho bebetha uphondo lwenqama isikhathi eside, lapho nizwa ukukhala kwecilongo, bonke abantu bayakukhamuluka ngokukhamuluka okukhulu; ugange lomuzi luyakuwa, abantu bakhuphuke, kube yilowo nalowo phambi kwakhe. UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi, wathi kubo: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa baphathe izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo kaJehova. Wathi kubantu: “Sukani nizungeze umuzi, abahlomileyo mabadlule phambi komphongolo kaJehova.” Kwathi uJoshuwa ekhuluma ebantwini, abapristi abayisikhombisa abathwele izimpondo zezinqama eziyisikhombisa bahamba phambi kukaJehova, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela. Abahlomileyo baphuma phambi kwabapristi ababetha amacilongo, umvuzo walandela umphongolo, abapristi bahamba bevuthela izimpondo. UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka, ningakhamuki ngezwi lenu, kungaphumi lizwi emlonyeni wenu, kuze kufike usuku enginiyala ngalo ukuba nimemeze; khona-ke kufanele umemeze. Umphongolo kaJehova wawuzungeza umuzi, waya khona kanye, bangena ekamu, balala ekamu. UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bawuthwala umphongolo kaJehova. Abapristi abayisikhombisa abathwala izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo kaJehova badabula, babetha izimpondo; abahlomileyo baphuma phambi kwabo; kodwa umvuzo wafika ngemva komphongolo kaJehova, abapristi bahamba bevuthela izimpondo. Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu; benze njalo izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesikhombisa bavuka ekuseni kakhulu, bawuzungeza umuzi kasikhombisa ngendlela efanayo; kodwa ngalolo suku bawuzungeza umuzi kasikhombisa. Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebevuthela amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani! ngoba uJehova uninikile umuzi.