UJoshuwa 5:4-6
UJoshuwa 5:4-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakuyilesi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: bonke abesilisa kubantu abaphuma eGibhithe, nawo wonke amabutho, babefele endleleni ehlane emveni kokuphuma kwabo eGibhithe. Nakuba bonke ababephume eGibhithe babesokiwe, bonke abazalelwa endleleni kudatshulwa ehlane emveni kokuphuma eGibhithe, babengasokiwe. Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.
UJoshuwa 5:4-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso: bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi, bafa ehlane ngasendleleni, sebephumile eGibithe. Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe, kepha bonke abantu abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga. Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.
UJoshuwa 5:4-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Nasi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: Bonke abantu abaphuma eGibhithe, abesilisa, yebo, wonke amadoda empi, bafela ehlane endleleni ngemva kokuphuma kwabo eGibhithe. Bonke abantu abaphuma basokwa; kodwa bonke abantu ababezalelwe ehlane endleleni ekuphumeni kwabo eGibithe abazange babasoke. Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, aze abhubha onke amaqhawe aphuma eGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; uJehova afunga kubo ukuthi akayikuba nalutho. Sibabonise izwe uJehova alifungela okhokho babo ukusinika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi.