UJoshuwa 5:11-12
UJoshuwa 5:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngosuku olulandela umkhosi wePhasika, nangalo lolo lusuku, badla umkhiqizo weKhanani, isinkwa esingenamvubelo nokusanhlamvu okugazingiwe. Yanqamuka imana ngosuku abaqala ngalo ukudla umkhiqizo weKhanani, abantu bakwa-Israyeli ababange besaba nayo imana, badla izithelo zeKhanani ngalowo nyaka.
UJoshuwa 5:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika, amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku. Imana* lanqamuka ngangomuso, nxa sebedla ezithelweni zezwe; abakwa-Israyeli ababe besaba nemana futhi, kepha base bedla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka.
UJoshuwa 5:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Badla ngosuku olulandelayo emva kwephasika ukolweni wezwe, amaqebelengwane angenamvubelo nokolweni okuthosiwe ngalolo suku. Imana lanqamuka ngangomuso sebedlile ukolweni wezwe; abantwana bakwa-Israyeli ababa naso imana; kepha badla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka.