UJoshuwa 2:2-21

UJoshuwa 2:2-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Inkosi yaseJerikho yabikelwa ukuthi: “Abanye bakwa-Israyeli bafikile kusihlwa ukuzohlola izwe.” Inkosi yaseJerikho yayisithumela umyalezo kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikele kwakho, angena endlini yakho, ngokuba eze ukuzohlola lonke izwe.” Kepha owesifazane wawathatha lawo madoda amabili wawafihla. Wayesethi: “Yebo, impela lawo madoda afikile kimi, kodwa angiwazanga ukuthi avelaphi. Kuthe kusihlwa sekuzovalwa isango, asuka ahamba. Angazi ukuthi aphume alibhekisaphi. Phuthumani niwalandele, ngokuba ningase niwafice.” Kodwa ngaleso sikhathi wayesezikhuphulele phezulu ophahleni lwendlu yakhe, wazifihla phansi kwenyanda yekhwani ayeyibeke lapho. Amadoda azilandela ngendlela elibangise eJordani aze ayofinyelela emazibukweni alo. Athi ukuba aphume amadoda ayezilandela, lavalwa isango. Zingakalali izinhloli, uRahabi wakhuphukela kuzo ophahleni; wathi kuzo: “Ngiyazi ukuthi uSimakade uNkulunkulu uninikile leli lizwe nokuthi sonke sigcwele ingebhe ngenxa yenu, nokuthi zonke izakhamuzi zaleli lizwe zinesaba okokufa. Ngokuba sizwile ukuthi uSimakade wawomisa kanjani amanzi oLwandle Lomhlanga phambi kwenu lapho niphuma eGibhithe, nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, kuSihoni no-Ogi enababhubhisa bashabalala. Sithe ukuba sizwe ngalokho izinhliziyo zangenwa yingebhe, kwangaba bikho muntu onesibindi sokuma phambi kwenu, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu, unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. Manje-ke lokhu nginiphathe kahle, fungani kimi ngoSimakade ukuthi nani niyakubenzela umusa abendlu kababa; nginikeni uphawu oluzakuba yisiqiniseko sokuthi nizokwethembeka, nokuthi niyomsindisa ubaba, umama, abafowethu, odadewethu nakho konke okungokwabo, nisikhulule ekufeni.” Amadoda athi kuye: “Singanifela nokunifela. Uma ningaludaluli lolu daba lwethu, siyakuniphatha ngomusa nangokwethembeka lapho uSimakade esesinika izwe.” URahabi wayesewehlisa ngentambo aphuma ngefasitela, ngoba indlu ayehlala kuyo yayiyingxenye yodonga lomuzi, yena ehlala ngaphakathi kodonga. Wathi kuwo: “Hambani nilibhekise kwelezintaba, ukuze abanixoshayo banganitholi. Cashani lapho izinsuku ezintathu baze babuye abanixoshayo, bese niqhubeka nohambo lwenu.” Amadoda athi kuye: “Asiyukubophezeleka kulesi sifungo osenzise sona, uma kuyothi lapho sihlasela izwe, sithole ungayibophelanga le ntambo ebomvu efasiteleni owasikhipha ngalo, futhi ungaqoqelanga endlini yakho uyihlo nonyoko nabafowenu nabo bonke abendlu kayihlo. Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi. Kodwa uma uluxoxa lolu daba lwethu, thina siyobe sesikhululekile kulesi sifungo osifungise sona.” Wathi: “Makube njengoba nisho.” Wayesewakhulula aqhubeka nohambo lwawo. Yena wabophela intambo ebomvu efasiteleni.

UJoshuwa 2:2-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.” Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.” Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi; kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.” Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni. Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango. Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni; wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu. Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo. Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo, nisindise ubaba, nomame, nabafowethu, nawodadewethu, nabo bonke abanabo, nophule imiphefumulo yethu ekufeni.” Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.” Wayesewehlisa ngentambo ngasefasiteleni, ngokuba indlu yakhe yayingasogangeni lomuzi, wahlala ngasogangeni. Wathi kuwo: “Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice, nicashe khona izinsuku ezintathu, ukuze abanixoshayo babuye, andukuba nihambe indlela yenu.” Ayesethi amadoda kuye: “Thina asinacala ngaleso sifungo sakho osifungise sona, uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo. Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye. Kepha uma uveza obala le ndaba yethu, asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.” Wathi: “Makube njengamazwi enu.” Wayesewamukisa ahamba; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.

UJoshuwa 2:2-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Inkosi yaseJeriko yabikelwa, yathi: “Bheka, kufike lapha ebusuku amadoda avela kubantwana bakwa-Israyeli ukuhlola izwe.” Inkosi yaseJeriko yasithumela kuRahabi ukuthi: “Khipha amadoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba afikile ukuhlola izwe lonke.” Owesifazane wawathatha amadoda amabili, wawafihla, wathi: “Kwakukhona amadoda eza kimi, kepha bengingazi ukuthi avelaphi; Kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango, sekuhlwile, amadoda aphuma; lapho amadoda aya khona, ngangingazi; ngoba uzawafica. Kepha yawayisa ophahleni lwendlu, yawathukusa phezu kwezinhlanga zefilakisi ayezihlelile ophahleni. Amadoda abaxosha ngendlela eya eJordani kwaze kwaba semazibukweni; kwathi lapho ababebaxosha sebephumile, balivala isango. Kwathi zingakalala, wenyukela kuzo ophahleni; Wayesethi emadodeni: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi ingebhe yenu isehlele, nokuthi bonke abakhileyo ezweni bafa ngenxa yenu. Ngokuba sezwa ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle lwaseGalile phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe; nalokho enakwenza emakhosini amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi enawaqalekisayo. Kwathi sesizwile lezizinto, inhliziyo yethu yaphela amandla, akubangakho sibindi kumuntu ngenxa yenu; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. Manje fungani kimi ngoJehova, lokhu nginibonise umusa, ukuthi nani niyakuba nomusa endlini kababa, ninginike isibonakaliso esiqinisileyo; futhi niyogcina ubaba nomama nabafowethu nodadewethu nabo bonke abalakho, futhi nisisindise ekufeni. Ayesephendula amadoda kuye, athi: “Siphila ngowakho, uma ungayikhulumi indaba yethu.” Futhi uma uJehova esinika izwe, sizokwenzela umusa neqiniso kuwe. Khona-ke wabehlisa ngefasitela ngentambo, ngoba indlu yakhe yayingaseludongeni lomuzi, futhi wayehlala phezu kogange. Wathi kubo: “Hambani niye entabeni, funa bahlangane nani abanizingelayo; nicashe khona izinsuku ezintathu, baze babuye abawaxoshayo; emva kwalokho ungahamba. Amadoda athi kuye: “Asiyikuba nacala kulesi sifungo sakho osifungise sona.” Bheka, lapho singena ezweni, kumelwe ubophe lentambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo; kumelwe ulethe ekhaya uyihlo nonyoko nabafowenu nayo yonke indlu yakho kuwe. Yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe, thina singabi nacala; noma ubani okini endlini, igazi lakhe malibe phezu kwekhanda lethu, uma kukhona isandla esiphezu kwakhe. Futhi uma usimemezela lokhu, siyakukhululeka esifungweni sakho osifungise sona. Wathi: “Kunjengokusho kwakho.” Wasezimukisa, zahamba; wayesebophela umucu obomvu efasiteleni.