UJobe 9:1-20
UJobe 9:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJobe wayesephendula ethi: “Impela ngiyazi ukuthi kunjalo, kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo phambi kukaNkulunkulu na? Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane. Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na? Yena ogudluza izintaba, zingazi, Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe, ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo, oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi, oweneka izulu yedwa, ahambe phezu kwamaza olwandle, owenza iNdonsa, iKhwezi, iSilimela, iSicelankobe noMthala oseningizimu, owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa. Bheka, uyedlula ngakimi, ngingaboni, uyedlula, kodwa ngingamuzwa. Bheka, uyabamba, ngubani ongamkhalima na? Ngubani oyakusho kuye, athi: ‘Wenzani na?’ “UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe; bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe. Pho mina ngingamphendula ngithini, ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na? Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula, kufanele ngicele umusa kumehluleli wami. Uma bengimbizile wase engiphendula, angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami. Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho, wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu. Akangivumeli ukuba ngiphefumule, kepha ungigcwalisa ngomunyu. Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na? Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.
UJobe 9:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesephendula uJobe ethi: “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na? Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane. Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela, yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe; ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo; oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi; oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle; owenza iBhere,* neMpambano, nesiLimela, namaKamelo aseningizimu;* owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa. Bheka, uyangidlula, ngingaboni; uyagudla, ngingezwa. Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’ “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi. Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na? Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami. Uma bengimbizile abesengiphendula, bengingayikukholwa nokho ukuthi ubekile indlebe ezwini lami. Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze. Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu. Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na? Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.
UJobe 9:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayesephendula uJobe, wathi: Ngiyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso; kodwa umuntu angalunga kanjani phambi kukaNkulunkulu na? Uma ethanda ukuphikisana naye, akanakumphendula nelilodwa enkulungwaneni. Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo? abanyakazisa izintaba, bona abazi; obagumbuqela ngentukuthelo yakhe. Owenza umhlaba unyakaze usuke endaweni yawo, zithuthumele izinsika zawo. Olaya ilanga, kodwa lingaphumi; futhi uphawu izinkanyezi. Yena yedwa oweneka izulu, onyathela phezu kwamagagasi olwandle. Owenza i-Arkturus, ne-Orion, nesiLimela, namakamelo aseningizimu. Abenza izinto ezinkulu ezingaqanjwanga; yebo, nezimangaliso ezingenakubalwa. Bheka, uyadlula kimi, ngingamboni; naye uyaqhubeka, kodwa mina angimboni. Bheka, ethatha, ngubani ongamvimbela na? ngubani ozakuthi kuye: Wenzani? Uma uNkulunkulu engakunqandi ukuthukuthela kwakhe, abasizi abaziqhenyayo bakhothama phansi kwakhe. Kangakanani-ke mina engizamphendula ngikhethe amazwi ami okubonisana laye? Noma ngilungile, angizange ngimphendule, kodwa ngincenge kumahluleli wami. Uma ngimbiza, wangiphendula; nokho ngangingakholwa ukuthi ulalele izwi lami. Ngoba uyangephula ngesiphepho futhi andise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu. Akavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu. Uma ngikhuluma ngamandla, bheka, yena unamandla; Uma ngizilungisisa, umlomo wami uyakungilahla; uma ngithi: Ngiphelele, lokho kuyongifakazela ukuthi ngingalungile.