UJobe 1:1-22
UJobe 1:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi. Yayizele amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Yayinezimvu eziyizi-7 000 namakameli ayizi-3 000, nezinkabi ezingamabhangqa angama-500 nezimbongolo zezinsikazi ezingama-500 nezisebenzi eziningi kakhulu. Leyo ndoda yayiyisikhulu esiphezulu kunabo bonke abantu basempumalanga. Amadodana ayo ayevame ukuhamba enze idili endlini yaleyo naleyo ndodana, ngosuku lwayo. Ayethumela, ameme odadewabo abathathu ukuze badle, baphuze ndawonye. Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku. Langa limbe, amadodana kaNkulunkulu eza azibonakalisa phambi kukaSimakade, noSathane wafika waba mdibi munye nawo. USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngivela ekuzulazuleni emhlabeni, ngehla ngenyuka kuwo.” USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngabe uJobe umesaba uNkulunkulu kungenasizathu na? Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni. Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.” USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.” USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade. Kwathi ngolunye usuku, lapho amadodana namadodakazi kaJobe edla, ephuza iwayini endlini yezibulo lakhe, kwafika isigijimi kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabe eduze nazo, ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” Sisakhuluma naleso kwafika esinye, sathi: “Amadodana namadodakazi akho abedla, ephuza iwayini endlini yendodana yakho endala, kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.” Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.
UJobe 1:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi. Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga. Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yaleyo naleyo ngosuku lwayo; ayesethuma ebiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nawo. Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke. Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo. UJehova wayesethi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.” Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.” USathane wamphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.” Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova. Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo, kwafika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabile eceleni kwazo, lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela, awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo; bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu, washaya amagumbi omane endlu, yawa phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.” Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.
UJobe 1:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwakukhona umuntu ezweni lakithi ogama lakhe linguJobe; futhi lowo muntu wayephelele futhi elungile, futhi wayemesaba uNkulunkulu futhi ebalekela okubi. Wazalelwa amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu. Impahla yakhe yayiyizinkomo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa ezinkomo angamakhulu ayisihlanu, nezimbongolo ezingamakhulu amahlanu, nezinceku eziningi kakhulu; kangangokuthi lo muntu wayemkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga. Amadodana akhe ayehamba enza idili endlini yawo, kwaba yilowo nalowo ngosuku lwayo; wathuma wabiza odadewabo abathathu ukuba badle, baphuze nabo. Kwathi seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathumela wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo wonke; ngokuba uJobe wathi: “Kungenzeka ukuthi amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo; Ngakho uJobe waqhubeka enza kanjalo. Kwathi ngolunye usuku amadodana kaNkulunkulu eza ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo. UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “Uhambahamba emhlabeni, nasemuva naphambili kuwo. UJehova wayesethi kuSathane: “Ingabe uyiqaphele inceku yami uJobe ukuthi akakho ofana naye emhlabeni, umuntu oqotho noqotho, owesaba uNkulunkulu futhi ogwema okubi? USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni. Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte konke anakho, uyakukuthuka ebusweni bakho. UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; ungabeki isandla sakho kuye. USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova. Kwathi ngolunye usuku amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo omkhulu. Kwase kufika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkomo zazilima, nezimbongolo zaziklabile eceleni kwazo.” AmaSabeya azihlasela, azithatha; yebo, bazibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Esakhuluma lowo, kwafika nenye, yathi: “AmaKaledi akha amabutho amathathu, awela amakamela, awathumba, yebo, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho adle, anatha iwayini endlini yomfowabo omkhulu.” Bheka, kwafika umoya omkhulu ovela ehlane, washaya amagumbi omane endlu, yawela phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka. Wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova wathatha; Malibongwe iGama leNKOSI. Kukho konke lokhu uJobe akonanga futhi akamthukanga uNkulunkulu ngobuwula.