NgokukaJohane 8:31-51
NgokukaJohane 8:31-51 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula. Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama, asizange sibe yizigqila zamuntu; usho kanjani ukuthi: Niyakukhululwa na? UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Inceku ayihlali phakade endlini, kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini. Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo. Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama. Kepha manje nifuna ukungibulala mina, mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama akakwenzanga lokho. Nina nenza imisebenzi kayihlo. Basebesithi kuye: Thina kasizalwanga ngokuphinga; sinoBaba oyedwa, uNkulunkulu. UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile. Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo. Ngokuba nginitshela iqiniso, anikholwa yimi. Ngubani kini ongangisola ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, aningikholwa ngani na? OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu. Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle ukuthi wena ungumSamariya nokuthi unedemoni na? UJesu waphendula wathi: “Anginademoni; kodwa mina ngidumisa uBaba, kodwa lina liyangidumaza. Mina-ke mina angizifuneli udumo lwami; Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.
NgokukaJohane 8:31-51 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke uJesu wakhuluma kubaJuda abase bekholwa kuye, wathi: “Uma nimi esifundisweni sami, ningabafundi bami uqobo, niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono. Isigqila asihlali nomndeni unomphela, kodwa indodana ehlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. Ngiyazi ukuthi ningabolibo luka-Abhrahama, kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini. Ngikhuluma lokho engikubonileyo kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwileyo kuyihlo.” Baphendula, bathi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abhrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abhrahama beniyakukwenza imisebenzi ka-Abhrahama. Kepha manje nifuna ukungibulala, Mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu. U-Abhrahama akakwenzanga lokho. Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asisibo abantwana bokuphingwa; sinoBaba munye, uNkulunkulu.” UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo. Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami. Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga. Kepha ngenxa yokuba ngikhuluma iqiniso, aningikholwa. Ngubani-ke kini ongadalula isono engisenzileyo na? Uma ngikhuluma iqiniso, pho aningikholwa ngani na? Ovela kuNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke nina aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.” AbaJuda baphendula, bathi kuye: “Asikhulumi lona yini iqiniso uma sithi ungumSamariya futhi unedimoni na?” UJesu waphendula, wathi: “Anginadimoni, kodwa ngihlonipha uBaba, nina-ke niyangijivaza. Kepha angizifuneli udumo lwami, kodwa ukhona ofunayo nowahlulelayo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa nanini.”
NgokukaJohane 8:31-51 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?” UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade. Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini. Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.” Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama. Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho. Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.” Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo. Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi. Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi ngani na? OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.” Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?” UJesu waphendula wathi: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza. Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.”
NgokukaJohane 8:31-51 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)