NgokukaJohane 5:24-26 - Compare All Versions

NgokukaJohane 5:24-26 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila. Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo.

NgokukaJohane 5:24-26 ZUL20 (IsiZulu 2020)

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isikhathi siyeza, sesifikile namanje, lapho abafileyo beyakulizwa iphimbo leNdodana kaNkulunkulu; abalizwayo bayakuphila. Njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe, kanjalo neNdodana uyiphile ukuba ibe nokuphila ngokwayo.

NgokukaJohane 5:24-26 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila. Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo

NgokukaJohane 5:24-26 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)