NgokukaJohane 16:12-15
NgokukaJohane 16:12-15 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngisenezinto eziningi engizonitshela zona, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso, ngokuba akayikuzikhulumela ngokwakhe; kepha lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Yena uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakwamukela okwami, anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami
NgokukaJohane 16:12-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale. Kepha lapho esefikile Yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso. Ngokuba akayukukhuluma okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho, kungokwami; yingakho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele khona.
NgokukaJohane 16:12-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.
NgokukaJohane 16:12-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)