NgokukaJohane 14:15-21
NgokukaJohane 14:15-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
NgokukaJohane 14:15-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini. Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.
NgokukaJohane 14:15-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade; uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini. “Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini; kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. “Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
NgokukaJohane 14:15-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
NgokukaJohane 14:15-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)