UJeremiya 9:25-26
UJeremiya 9:25-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela, iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”
UJeremiya 9:25-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo, iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”
UJeremiya 9:25-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokile nabangasokile; iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabo bonke abasemagumbini ahlala ehlane; ngoba zonke lezi zizwe azisokile, futhi yonke indlu ka-Israyeli isokile enhliziyweni.