UJeremiya 9:10-24
UJeremiya 9:10-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakukhala, ngilile ezintabeni, nasemadlelweni asehlane, ngikhihle isililo; ngokuba aqothuliwe, akukho muntu owedlula kuwo, akuzwakali nakukhala kwemfuyo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba. “Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.” Ngubani umuntu ohlakaniphileyo, ongaqonda okukhulunywe kuye ngumlomo kaSimakade, ukuze akumemezele na? Izwe libhujiselweni, lishiselweni lanjengehlane, kwangaba bikho odabula kulo na? USimakade wathi: “Kungenxa yokuba bawushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo. Abalilalelanga izwi lami futhi abahambanga ngalo. Kepha bahambe balandela inkani yenhliziyo yabo, balandela oBhali ababafundiswa ngokhokho babo.” Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngiyakubondla laba bantu ngemifino ebabayo, ngibaphuzise amanzi anobuthi. Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.” Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba beze; thumelani kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike, mabasheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu agobhoze izinyembezi, izinkophe zethu ziphophoze amanzi. Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ” Yizwani izwi likaSimakade nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi eliphuma emlonyeni wakhe, nifundise amadodakazi enu iculo lesililo, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe ukukhihla isililo. Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezinqabeni zethu, kubulala izingane emigwaqweni, nezinsizwa ezigcawini. Khuluma uthi: “Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakusabalala njengendle emasimini, nanjengokusanhlamvu okunqunyiwe okusala emva komvini, kungekho okubuthayo.’ ” Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe. Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.
UJeremiya 9:10-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba. “Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba nekhaya lamakhanka, ngenze imizi yakwaJuda incithakalo, lapho kungahlali muntu khona.” Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na? UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo, kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.” Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo. Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.” Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Qaphelani, nibize abesifazane besililo ukuba bafike, nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo ukuba bafike, basheshe basikhihlele isililo, ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi, nezinkophe zethu ziphophoze amanzi. Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ” Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila. Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini. Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ” Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe, kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.
UJeremiya 9:10-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Phezu kwezintaba ngiyophakamisa ukukhala nokulila, nesililo phezu kwezindawo zokuhlala zasogwadule, ngoba zishisiwe, ukuze kungabikho muntu odlula kuzo; futhi abantu abakwazi ukuzwa izwi lezinkomo; kwabaleka izinyoni zezulu nezilwane; sebehambile. Ngiyakwenza iJerusalema libe yizinqwaba, umhume wezimpungushe; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu. Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu na? futhi ngubani lo okhulunywe kuye umlomo kaJehova ukuba akumemezele lokhu, ngoba izwe lichithiwe futhi lishiswe njengehlane elingadluli muntu na? Futhi uJehova uthi: “Ngenxa yokuthi bawushiyile umthetho wami engangiwubeka phambi kwabo, futhi abazange balilalele izwi lami futhi abahambanga kulo; Kodwa bahamba ngobunkana bezinhliziyo zabo nangoBhali ababafundisa ngabo oyise. Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubadlisa laba bantu, ukuba badle nomhlonyane, ngibanike inyongo ukuba baphuze. Ngiyakubahlakazela ezizweni bona noyise ababengazazi; ngiyakuthuma inkemba emva kwawo, ngize ngiwaqede. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, nibize abesifazane abalilayo ukuba beze; nithumele abesifazane abahlakaniphileyo ukuba beze. Mabasheshe basikhalele, ukuze amehlo ethu ehle izinyembezi, nezinkophe zethu zigeleze amanzi. Ngoba kuzwakele ilizwi lokulila livela eZiyoni lisithi: Yeka ukuchithwa kwethu! sinamahloni kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba izindlu zethu zisixoshile. Ngakho yizwani izwi likaJehova nina besifazane, nilalele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu isililo, kube yilowo nalowo komakhelwane bakhe ingoma yokulila. Ngoba ukufa kukhuphuke emafasiteleni ethu futhi kwangena ezindlini zethu zobukhosi ukuze kunqume abantwana ngaphandle nezinsizwa ezitaladini. Wothi: ‘Isho kanje iNkosi, ithi: Ngisho nezidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesandla emva komvuni, kungabikho ozibuthayo. Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe. Kepha ozibongayo makazibonge ngakho, ukuze angiqonde, azi Mina, ukuthi nginguJehova owenza umusa, nokwahlulela, nokulunga emhlabeni; ngokuba lokhu ngiyathokoza,” usho uJehova.