UJeremiya 42:1-22
UJeremiya 42:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane, bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo. Sinxusele ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho asikhombise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokho esiyakukwenza.” UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.” Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi. Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.” Kwathi ngemuva kwezinsuku ezilishumi, izwi likaSimakade lafika kuJeremiya. Wayesebiza uJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bonke bempi ababenaye, nabantu bonke abancane nabadala, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukuba ngininxusele kuye, uthi: ‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini. Ningayesabi inkosi yaseBhabhele le eniyesabayo. Ningayesabi, kusho uSimakade, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginihlenge esandleni sayo. Ngiyakunenzela ububele, nginiphathe ngomusa; iyakunibuyisela ezweni lakini.’ “Kepha uma nithi: ‘Asiyukuhlala kuleli lizwe,’ ngalokho ningalilaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’ Ngakho-ke manje, yizwa izwi likaSimakade wena nsali yakwaJuda. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma niphikelela ukuya eGibhithe, ukuze nigogobale khona, kuyakuthi inkemba eniyesabayo inifice khona eGibhithe, nifele lapho. Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’ Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’ “USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla. Ngokuba nenze iphutha elikhulu ngokungithumela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Sinxusele kuSimakade uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uSimakade uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’ Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini. Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”
UJeremiya 42:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zase zisondela zonke izinduna zempi, noJohanani indodana kaKhareya, noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu, zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje, ukuba uJehova uNkulunkulu wakho asibonise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokhu esiyakukwenza.” Wayesethi kubo uJeremiya umprofethi: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; kuyakuthi noma yintoni uJehova ayakuniphendula ngayo, nginitshele yona, nginganigodleli lutho.” Bathi kuJeremiya: “UJehova makabe ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo ngathi, uma singenzi njengamazwi onke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma nawo kithi. Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.” Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya. Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukubeka ukunxusa kwenu phambi kwakhe, uthi: ‘Uma nihlala nokuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha nginganidilizi, nginitshale nginganisiphuli, ngokuba ngiyazisola ngokubi engikwenzile kini. Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo. Ngiyakuniphatha ngobubele ukuba inihawukele, inibuyisele ezweni lakini.’ “Kepha uma nithi: ‘Asiyikuhlala kuleli zwe,’ nize ningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Qha, ngokuba siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, singezwa ukukhala kwecilongo, singalambeli ukudla, sihlale khona,’ yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJuda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona, inkemba eniyesabayo iyakunifica khona ezweni laseGibithe, indlala eninovalo ngayo inamathele kini lapho eGibithe, nifele khona. Kuyakuba njalo bonke abantu ababhekisa ubuso babo ukuya eGibithe ukuba bagogobale khona; bayakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kungabikho kubo oyakusala, aphunyuke ebubini engiyakubehlisela phezu kwabo.’ Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’ “UJehova ukhulumile ngani ukuthi: ‘Wena nsali yakwaJuda, ungayi eGibithe;’ yazi nokwazi ukuthi ngifakazile kini namuhla. Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’ Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini. Ngalokho yazini nokwazi ukuthi niyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo endaweni enifisa ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.”
UJeremiya 42:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Zase zisondela zonke izinduna zamabutho, oJohanani indodana kaKhareya, loIshaniya indodana kaHoshaya, labo bonke abantu, kusukela komncinyane kusiya komkhulu; Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;) Ukuze uJehova uNkulunkulu wenu asibonise indlela esingahamba ngayo nalokho esingakwenza. Wayesethi umprofethi uJeremiya kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; nakho konke uJehova akuphendulayo, ngiyakunitshela khona; Ngeke ngikugodle lutho. Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina. Noma lihle noma libi, siyakulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye; ukuze kube kuhle kithi, uma sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu. Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya. Wayesebiza uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu, kusukela komncane kuze kufike komkhulu; Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, eningithuma kuye ukuba ngilethe isicelo senu phambi kwakhe; Uma nisathanda ukuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha, nginganidilizi, nginitshale, nginganisiphula; ngoba ngiyazisola ngobubi engibenzile kini. Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; Ningamesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginikhulule, nginisindise esandleni sakhe. Futhi ngiyonibonisa umusa, ukuze abe nesihe kini futhi anivumele nibuyele ezweni lakini. Kepha uma nithi: ‘Asiyikuhlala kuleli zwe, singalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, Yithi: Hatshi; kepha siyakuya ezweni laseGibithe, lapho singayikubona khona impi, sizwe ukukhala kwecilongo, singalambele isinkwa; futhi lapho sizohlala khona. Manje yizwani izwi likaJehova nina nsali yakwaJuda! Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma ubhekisa nokubhekisa ubuso bakho ukungena eGibithe, ugogobale khona; Khona-ke inkemba enayesabayo iyonifica lapho ezweni laseGibhithe, futhi indlala enayesabayo iyonilandela lapho eGibhithe; futhi lapho uyofela khona. Kuyakuba njalo kuwo wonke amadoda abhekisa ubuso bawo ukuya eGibithe ukuba agogobale khona; bayakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo; futhi akukho noyedwa kubo oyosala noma ophunyuka ebubini engiyobehlisela phezu kwabo. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokho intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululiwe phezu kwabakhileyo eJerusalema; kanjalo ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwenu, lapho ningena eGibithe; niyakuba yisihlamba, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba; futhi ngeke usayibona le ndawo. UJehova wathi ngani, nsali yakwaJuda! Ningayi eGibithe; yazini impela ukuthi nginixwayisile namuhla. Ngokuba nakhathazeka ezinhliziyweni zenu lapho ningithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu; njengakho konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, sitshele khona, sikwenze. Manje sengikumemezele kini namuhla; kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nanoma yini angithume ngayo kini. Yazini ngokuqinisekile ukuthi niyokufa ngenkemba, ngendlala, nangesifo, endaweni enithanda ukuya kuyo ukuba nigogobale khona.