UJeremiya 32:6-15
UJeremiya 32:6-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJeremiya wathi: “Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: bheka, uHanameli, indodana kaShalumi umfowabo kayihlo, uzofika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathothi, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’ “UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade. Ngayithenga-ke insimu ese-Anathothi kuHanameli, indodana yomfowabo kababa, ngamkalela isiliva, kwaba ngamashekeli esiliva ali-17. Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso. Ngase ngiyithatha incwadi yokuthengiselana, esicilelweyo futhi enemithetho nezimiso zokuthenga kanye nefuzela elalivuliwe, ngakunika uBharukhi, indodana kaNeriya kaMahaseya, incwadi yokuthengiselana, phambi kukaHanameli indodana yomfowabo kababa, naphambi kofakazi ababelobe encwadini yokuthengiselana naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni labalindi. “Ngamyala uBharukhi phambi kwabo, ngathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthengiselana esicilelweyo nale evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba, ukuze zigcineke izinsuku eziningi. Ngokuba uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, usho kanje, uthi: kuleli lizwe kuyakubuye kuthengwe izindlu, amasimu nezivini.’
UJeremiya 32:6-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJeremiya wathi: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe, athi: ‘Zithengele insimu yami ese-Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.’ “Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova. Ngayithenga insimu ese-Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli* ayishumi nesikhombisa esiliva. Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso. Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho nezimiso, nevulekileyo, nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababelobe incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo. “Ngamyala uBaruki phambi kwabo, ngathi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthenga enamathelisiweyo nale ncwadi evulekileyo, uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’
UJeremiya 32:6-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJeremiya wathi: “Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Bheka, uHanameli indodana kaShalumi, uyihlokazi, uyakufika kuwe, ethi: ‘Zithengele isiqinti sami sezwe esise-Anathoti, ngokuba unelungelo lokuhlenga ukuba usithenge. Khona-ke uHanameli, indodana kamalume, weza kimi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: “Thenga isiqephu sezwe sami esise-Anathoti esezweni lakwaBhenjamini; Ngelakho ilungelo lefa, nensindiso ingeyakho; uzithengele yona. Ngase ngazi ukuthi kwakuyizwi likaJehova. Ngasithenga isiqinti kuHanameli indodana kababekazi owayese-Anathoti, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva. Ngaloba ubufakazi, ngabunamathelisa, ngathatha ofakazi, ngamkala imali esikalini. Ngase ngathatha incwadi yokuthenga, leyo ebekwe uphawu ngokomthetho nangokwesiko, kanye neyayivuliwe. Ngamnika uBaruki indodana kaNeriya indodana kaMahaseya ubufakazi bokuthengisa phambi kwamehlo kaHanameli indodana kababekazi naphambi kofakazi ababesayine incwadi yokuthengisa phambi kwabo. Wonke amaJuda ayehlezi enkantolo yetilongo. Ngamyala uBharuki phambi kwabo ngathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Thatha lezi zincwadi, incwadi yokuthenga, leyo enamathelisiwe, nale ncwadi evuliwe; wakufaka embizeni yebumba, ukuze ahlale izinsuku eziningi. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Izindlu namasimu nezivini kuyakubuye kuthathwe njengefa kuleli zwe.