UJeremiya 13:1-27

UJeremiya 13:1-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USimakade washo kanje kimi, wathi: “Hamba uzithengele indwangu yelineni yasokhalo, uyibhince okhalo lwakho, ungayihlanzi ngamanzi.” Ngayithenga indwangu yasokhalo njengokusho kwezwi likaSimakade, ngayibhinca okhalo lwami. Izwi likaSimakade lafika kimi ngokwesibili, lathi: “Thatha indwangu yasokhalo oyithengile, esokhalo lwakho, usuke uhambe, uye ePheratha, uyifihle lapho emfantwini wedwala.” Ngahamba, ngayifihla ePheratha njengalokhu uSimakade ayengiyalile. Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku eziningi, uSimakade wathi kimi: “Suka uye ePheratha, uthathe lapho indwangu yasokhalo engakuyala ukuba uyifihle lapho.” Ngaya ePheratha, ngemba, ngayithatha indwangu yasokhalo lapho ngangiyifihle khona, bheka, indwangu yasokhalo yayonakele, ingasenamsebenzi walutho. Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Ngiyakukubhubhisa kanjalo ukuziqhenya kukaJuda, nokuzigqaja kweJerusalema. Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho. Njengalokhu indwangu yasokhalo inamathela okhalo lomuntu, kanjalo ngiyenze indlu yonke yakwa-Israyeli, nayo yonke indlu yakwaJuda ukuba zinamathele kimi,’ kusho uSimakade, ‘ukuba babe ngabantu bami, ngizenzele ngabo igama, nodumo, nendumiso, kodwa kabalalelanga.’ “Uyakubatshela leli lizwi, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyakugcwaliswa ngewayini.’ Bayakuthi kuwe: ‘Impela asazi yini ukuthi kungani zonke izimvaba zigcwaliswe ngewayini na?’ Uyokuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bheka, ngizakuzigcwalisa ngokudakwa, zonke izakhamuzi zakuleli lizwe; amakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abaphristi, abaphrofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyobaphahlaza; omunye kumfowabo, oyise nezingane kanyekanye,’ ” kusho uSimakade. “Angiyukubahawukela, angiyukuba nasisa, angiyukuba nasihe kubo, ukuba ngingababhubhisi.” Yizwani, nibeke indlebe, ningaziqhenyi, ngokuba uSimakade ukhulumile. Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama. Kepha uma ningalaleli; umphefumulo wami uyakukhala ngasese, ngenxa yokuzigqaja kwenu; iso lami liyakukhala kalusizi, liphophoze izinyembezi; ngokuba umhlambi kaSimakade uthunjiwe. Yisho enkosini nasendlovukazini eyizalayo, uthi: “Yehlani ezihlalweni zenu zobukhosi, ngokuba umqhele wenu wodumo ekhanda uwile.” Imizi eNegevu ivaliwe, akekho oyivulayo. UJuda wonkana uthunjiwe, uthunjwe ngokupheleleyo. Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi enaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle na? Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na? Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa. UmKhushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo na? Nani-ke ningekwenze okuhle, nina eniqeqeshelwe ukwenza okubi. “Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane. Lokhu kuyisabelo sakho, isabelo engikulinganisele sona,” kusho uSimakade, “ngokuba wangikhohlwa wethembela emangeni. Ngizakuphenya isidwaba sibe sebusweni bakho, bubonakale ubunqunu bakho. Ukuphinga kwakho, nomsindo wokushabashabeka kwakho ukhanukela ukufeba, nezinengiso zakho; ngikubonile emagqumeni asendle. Maye, kuwe Jerusalema! Awuhlambulukile. Kuyoze kube nini na?”

UJeremiya 13:1-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithengele ibhande* lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.” Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami. Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.” Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova. Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.” Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi. Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema. Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi. Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’ “Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’ Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ” Zwanini, nibeke indlebe; ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile. Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye. Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe. Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.” Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo. Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na? Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na? Uma uthi enhliziyweni yakho: Ngehlelelweni yilezi zinto na? Ngobukhulu bokona kwakho imiphetho yakho iphakanyisiwe, nezithende zakho ziyadlovulwa. UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi. “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane. Lokhu kungokwenkatho yakho, isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova, “ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni. Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, kubonakale ihlazo lakho. Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho, ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho, ngikubonile emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?”

UJeremiya 13:1-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithathele ibhande lelineni, ulibophe okhalweni lwakho, ungalifaki emanzini. Ngase ngathola ibhande njengezwi likaJehova ngalifaka okhalweni lwami. Izwi likaJehova lafika kimi ngokwesibili, lathi: Thatha ibhande olalo elisezinkalweni zakho, usuke uye e-Ewufrathe, ulifihle khona emgodini wedwala. Ngakho ngaya ngalifihla ngasemfuleni i-Ewufrathe, njengoba nje uJehova wayengiyalile. Kwathi emva kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulithathe lapho ibhande engakuyala ukuba ulifihle khona. Ngase ngiya e-Ewufrathe, ngemba, ngalithatha ibhande endaweni engangilifihle kuyo; bheka, ibhande lalibhidlikile, lalingaselusizo lwalutho. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Usho kanje uJehova, uthi: “Kanjalo ngiyakuqeda ukuzidla kukaJuda nokuziqhenya okukhulu kweJerusalema. Laba bantu ababi abala ukulalela amazwi ami, abahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandele abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhulekele, bayakuba njengaleli bhande eliyize. Ngokuba njengebhande linamathela okhalweni lwendoda, kanjalo ngibophele kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu kaJuda,” usho uJehova; ukuze babe ngabantu kimi, negama, nodumo, nodumo, kepha abalalelanga. Ngakho-ke kumelwe ukhulume leli zwi kubo; Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimbiza ziyakugcwaliswa ngewayini, bathi kuwe: Asazi yini ukuthi zonke izimbiza ziyakugcwaliswa ngewayini na? Uzakuthi kibo: Itsho njalo i Nkosi: Khangela, ngizagcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kulelilizwe, amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavida, labapristi, labaprofethi, labo bonke abakhileyo eJerusalema. Ngiyakubaphahlazela omunye komunye, oyise namadodana kanyekanye, usho uJehova; Lalelani nilalele; ningazikhukhumezi, ngokuba uJehova ukhulumile. Mnikeni inkazimulo uJehova uNkulunkulu wenu, ngaphambi kokuba enze ubumnyama, futhi ngaphambi kokuba izinyawo zenu zikhubeke ezintabeni zobumnyama, futhi lapho nifuna ukukhanya, yena akuphendule ithunzi lokufa akwenze kube mnyama. Kodwa uma ningakuzwa, umphefumulo wami uyokhala ekusithekeni ngenxa yokuzidla kwenu; iso lami liyokhala kamunyu, lehle izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe. Yisho enkosini nasendlovukazini ukuthi: ‘Zithobeni, nihlale phansi, ngokuba ababusi benu bayakwehla, umqhele wodumo lwenu. Imizi yaseningizimu iyovalwa, kungabikho oyivulayo; UJuda wonke uyakuthunjwa, ayiswe ekuthunjweni. Phakamisa amehlo akho, ubheke abavela enyakatho: iphi imihlambi owaphiwa yona, umhlambi wakho omuhle? Uzakuthini nxa ekujezisa? ngokuba nibafundisile ukuba babe ngababusi nababusi phezu kwenu; Futhi uma uthi enhliziyweni yakho: Kungani lezi zinto zingehlela na? Ngokuba ubukhulu bobubi bakho izambatho zakho zambuliwe, nezithende zakho zambulwe. UmKushe angasiguqula yini isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? khona-ke ningase nenze okuhle nina enijwayele ukwenza okubi. Ngakho ngiyobahlakaza njengamabibi adlula umoya ogwadule. Lokhu kuyinkatho yenu, isabelo senu esilinganiselwe esivela kimi, usho uJehova; ngoba ningikhohliwe Mina, lethemba amanga. Ngakho ngizakwembula izembatho zakho ebusweni bakho, ukuze kubonakale ihlazo lakho. Ngikubonile ukuphinga kwakho ngakuhlupha, isenzo esiyihlazo sobufebe bakho nezinengiso zakho emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! aniyikuhlanjululwa na? kuyoke kube nini?