AbAhluleli 2:6-13
AbAhluleli 2:6-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ukuba uJoshuwa abakhulule abantu, abakwa-Israyeli babuyela efeni labo ezweni ababelwe lona. Abantu bamkhonza uSimakade zonke izinsuku zikaJoshuwa, nangazo zonke izinsuku zezingwevu ezaphila kade kunoJoshuwa, ezaziwubonile wonke umsebenzi omkhulu uSimakade ayewenzele u-Israyeli. UJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110. Bamngcwaba emngceleni wefa lakhe eThimnathi Heresi, kwelezintaba kwa-Efrayimi, enyakatho yentaba iGahashi. Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali; bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade. Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi.
AbAhluleli 2:6-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJoshuwa esemukisile abantu, abantwana bakwa-Israyeli bahamba, yilowo nalowo waya efeni lakhe ukuba balidle izwe. Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi. Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.
AbAhluleli 2:6-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho uJoshuwa emukisa abantu, abantwana bakwa-Israyeli baya, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe ukuba badle ifa lezwe. Abantu bamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga ayesephila emva kukaJoshuwa ababona zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzele u-Israyeli. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnatha ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba iGahashi. Sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise, kwavela esinye isizukulwane emva kwaso uJehova ayengasazi nemisebenzi ayeyenzele u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali. Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo. Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.