AbAhluleli 2:10-15
AbAhluleli 2:10-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali; bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade. Bamshiya uSimakade, bakhonza uBhali no-Ashitharothi. Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo. Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.
AbAhluleli 2:10-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali; bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova. Bamshiya-ke uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo sibenzela okubi njengokukhuluma kukaJehova nanjengokufunga kukaJehova kubo; bantula kakhulu.
AbAhluleli 2:10-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise, kwavela esinye isizukulwane emva kwaso uJehova ayengasazi nemisebenzi ayeyenzele u-Israyeli. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali. Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo. Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti. Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo. Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu.