AbAhluleli 13:1-25
AbAhluleli 13:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40. Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana. Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana. Qaphela ukuthi ungaliphuzi iwayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngoba uzakukhulelwa, uzale indodana: awuyukuliphuca ikhanda layo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni; nguye oyakuqala ukukhulula u-Israyeli esandleni samaFilisti.” Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe, kodwa uthe kimi: ‘Uzakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke ungaphuzi wayini nophuzo olunamandla, futhi ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umfana uzokuba ngumnaziri kaNkulunkulu kwasesibelethweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ” UManowa wayesekhuleka kuSimakade, wathi: “Nkosi, ngiyakunxusa, makuthi umuntu kaNkulunkulu obumthumile abuye eze kithi asifundise ukuthi siyakwenzenjani maqondana nomfana ozakuzalwa.” UNkulunkulu wamlalela uManowa, ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehleli ensimini, kodwa umyeni wakhe wayengekho lapho. Owesifazane wagijima ngokushesha watshela indoda yakhe, wathi: “Umuntu owabonakala kimi ngaleliya langa ubonakele futhi kimi.” UManowa wasukuma walandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Ngabe uyilowo muntu owakhuluma kulo wesifazane, na?” Wathi: “Yebo, nginguye.” Wayesethi uManowa: “Nxa sekwenzekile owakukhulumayo, iyakuba yini indlela yomntwana, uyakwenzani, na?” Ingelosi kaSimakade yathi kuManowa: “Owesifazane makakulalele konke engimtshele khona. Akayukudla lutho oluvela esithelweni somvini, akayukuphuza wayini noma uphuzo olunamandla, futhi akayukukudla okungcolileyo. Makakugcine konke engimyale ngakho.” UManowa wathi engelosini kaSimakade: “Ake usivumele sikulibazise, sikuhlabele izinyane lembuzi.” Ingelosi kaSimakade yathi kuManowa: “Uma ungilibazisa, angiyukukudla ukudla kwakho, kodwa uma ufuna ukulungisa umhlatshelo wokushiswa, uyakuwunikela kuSimakade.” Kwakungoba uManowa wayengazi ukuthi lona uyingelosi kaSimakade. UManowa wayesethi engelosini kaSimakade: “Ngubani igama lakho, ukuze sikuhloniphe lapho amazwi akho esefezekile?” Kepha ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, na? Liyisimangaliso!” UManowa wayesethatha izinyane lembuzi nomnikelo wokusanhlamvu, wakunikela kuSimakade phezu kwedwala, kuye owenza izimangaliso. Kwathi lapho ilangabi lenyukela ezulwini, lisuka e-althare, ingelosi kaSimakade yenyuka ngalo, uManowa nomkakhe bebukela, base bethi mbo ngobuso emhlabathini. Ingelosi kaSimakade ayiphindanga yabonakala futhi kuManowa nomkakhe. UManowa wayeseqonda ukuthi bekuyingelosi kaSimakade. UManowa wathi kumkakhe: “Impela sizokufa ngokuba sibone uNkulunkulu.” Kepha umkakhe wathi kuye: “Ukuba uSimakade ubeqonde ukusibulala, ubengeke awemukele umnikelo wokushiswa nowokusanhlamvu ophuma ezandleni zethu, noma asikhombise konke lokhu, futhi ubengeke asitshele izinto ezifana nalezi.” Owesifazane wazala indodana, wayiqamba igama wathi nguSamsoni. Umfana wakhula, uSimakade wambusisa. UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.
AbAhluleli 13:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.” Owesifazane wayeseya ukubika endodeni yakhe, ethi: “Kufikile kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sasinjengesimo sengelosi kaNkulunkulu, sesabeka kakhulu; angimbuzanga ukuthi uvelaphi, naye akangitshelanga igama lakhe. Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ” UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: “O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.” UNkulunkulu walalela izwi likaManowa; ingelosi kaNkulunkulu yabuyela kowesifazane ehlezi endle; kepha uManowa indoda yakhe wayengenaye. Owesifazane washesha, wagijima, wayitshela indoda yakhe, wathi kuyo: “Bheka, ubonakele kimi lowo muntu owafika kimi ngolunye usuku.” UManowa wasukuma wamlandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu lowo owakhuluma kowesifazane na?” Wathi: “Nginguye.” Wayesethi uManowa: “Nxa esenzekile amazwi akho, iyakuba yini indlela yomntwana, kuyakwenziwani na?” Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Konke engakushoyo kowesifazane makakuxwaye. Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini, kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo; konke engamyaleza ngakho kakugcine.” UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Ake sikulibazise, sikulungisele izinyane lembuzi.” Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilibazisa, angiyikudla ukudla kwakho; uma ulungisa umnikelo wokushiswa, uyakunikela ngawo kuJehova.” Ngokuba uManowa wayengazi ukuthi uyingelosi kaJehova. UManowa wathi engelosini kaJehova: “Ngubani igama lakho ukuba, lapho esenzekile amazwi akho, sikudumise?” Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?” UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu, wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela. Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini. Kepha ingelosi kaJehova ayiphindanga ukubonakala kuManowa nomkakhe. Khona uManowa waqonda ukuthi yingelosi kaJehova. UManowa wathi kumkakhe: “Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.” Kepha umkakhe wathi kuye: “Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho, nga engasitshelanga izinto njengalezi.” Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa. UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.
AbAhluleli 13:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane. Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana. Ngakho-ke qaphela, ungaphuzi iwayini noma uphuzo oludakayo, futhi ungadli noma yini engcolile. Ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; nempuco ayiyikuthinta ekhanda lakhe, ngokuba indodana iyakuba ngumNaziri kaNkulunkulu kwasesizalweni; futhi uzoqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti. Owesifazane wayesefika, watshela indoda yakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, ubuso bakhe bunjengobuso bengelosi kaNkulunkulu, besabeka kakhulu; kepha angimbuzanga ukuthi uvelaphi, akangitshelanga negama lakhe. Kodwa wathi kimi: Khangela, uzakhulelwa, uzale indodana; manje ungaphuzi wayini nasiphuzo esinamandla, ungadli lutho olungcolileyo; ngoba umfana uzakuba ngumNazaretha kaNkulunkulu kusukela esizalweni kuze kube lusuku lokufa kwakhe. UManowa wamncenga uJehova, wathi: “Nkosi, ake umuntu kaNkulunkulu omthumileyo abuyele kithi, asifundise okufanele sikwenze kumntwana oza kuzalwa. UNkulunkulu walilalela izwi likaManowa; ingelosi kaNkulunkulu yabuye yafika kowesifazane ehlezi ensimini, kepha uManowa umyeni wakhe wayengekho naye. Owesifazane washesha wagijima, wabikela umyeni wakhe, wathi kuye: “Bheka, ubonakale kimi lowo muntu obeze kimi ngolunye usuku.” UManowa wasukuma walandela umkakhe, wafika kulowo muntu, wathi kuye: “Wena ungumuntu owakhuluma nowesifazane na?” Wathi: “Nginguye.” UManowa wayesethi: “Manje amazwi enu agcwaliseke.” Sizoyala kanjani umntwana, futhi sizomenzani? Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Makagcine konke engikushilo kowesifazane. Angadli lutho oluphuma emvinini, angaphuzi wayini nophuzo oludakayo, adle noma yini engcolileyo; konke engimyale ngakho, makakugcine. UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Asikubambe, size sikulungisele izinyane lembuzi.” Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilonda, angiyikudla isinkwa sakho; uma nithanda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, wonikela ngawo kuJehova. Ngoba uManowa wayengazi ukuthi wayeyingelosi kaJehova. UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Ungubani igama lakho, ukuze sikudumise, uma amazwi akho egcwaliseka na? Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani kanjalo ngegama lami, lokhu liyimfihlo na? UManowa wayesethatha izinyane lembuzi nomnikelo womlilo, wanikela ngawo kuJehova edwaleni; ingelosi yenza ngokumangalisayo; uManowa nomkakhe babheka. Ngokuba lapho ilangabi lenyuka lisuka e-altare liya ezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka ngelangabi le-altare. UManowa nomkakhe bakubona, bawa ngobuso emhlabathini. Kodwa ingelosi kaJehova ayisabonakalanga kuManowa nomkakhe. UManowa wazi ukuthi uyingelosi kaJehova. UManowa wasesithi kumkakhe: Sizakufa lokufa, ngoba sibonile uNkulunkulu. Kodwa umkakhe wathi kuye: “Uma uJehova ebethanda ukusibulala, nga ngawamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, futhi ubengasivumelanga ukuba sizibone zonke lezi zinto, njenganamuhla. Asikhulumanga izinto ezinje. Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; wakhula umntwana, uJehova wambusisa. UMoya kaJehova waqala ukumnyakazisa ekamu lakwaDani phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli.