AbAhluleli 12:5-6 - Compare All Versions

AbAhluleli 12:5-6 ZUL20 (IsiZulu 2020)

AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,” bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.

AbAhluleli 12:5-6 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,” bathi kuye: “Shono uthi: ‘Shiboleti,’ ” abesethi: “Siboleti,” ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle; base bembamba, bambulala ngasemazibukweni aseJordani; kwawa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.

AbAhluleli 12:5-6 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

AbakwaGileyadi badla iJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi athi kuye: “UngumEfrayimi na? Uma ethi: Cha! Base bethi kuye: “Yisho ukuthi Siboleti,” yena wathi Siboleti, ngokuba wayengenakukwazi ukulibiza kahle. Base bemthatha, bambulala ngasekuweleni kweJordani, kwawa ngaleso sikhathi kwabakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.