AbAhluleli 11:1-40

AbAhluleli 11:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJeftha wakwaGileyadi owayeyindodana yesifebe, wayeyiqhawe elinamandla. Uyise kwakunguGileyadi. UmkaGileyadi wamzalela naye amadodana. Kuthe lapho amadodana omkakhe ekhula, amxosha, ethi kuye: “Awunakuthola lutho oluyifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye umfazi.” UJeftha wayesebaleka kubafowabo, wahlala eThobi. UJeftha wazungezwa yizephulamthetho ayephuma ahlasele nazo. Emveni kwesikhathi, abakwa-Amoni balwa nabakwa-Israyeli. Kwathi lapho abakwa-Amoni belwa nabakwa-Israyeli, amalunga akwaGileyadi ahamba ukuyolanda uJeftha eThobi. Athi kuJeftha: “Buya uzoba ngumkhuzi wempi yethu, ukuze silwe nabakwa-Amoni.” Kodwa uJeftha wathi kumalunga akwaGileyadi: “Anisibo yini labo abangala, bangixosha endlini kababa, na? Pho nilethwa yini kimi uma senisenkathazweni, na?” Amalunga akwaGileyadi athi kuye: “Noma kunjalo, sesibuyele kuwe manje ukuze uhambe nathi uyokulwa nabakwa-Amoni, ube yinhloko phezu kwethu naphezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.” UJeftha wathi kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisela ekhaya ukuba ngilwe nabakwa-Amoni uSimakade abanikele kimi, ngiyokuba yinhloko yenu.” Amalunga akwaGileyadi athi kuye: “USimakade uyokuba ngufakazi phakathi kwethu, impela sizokwenza njengalokhu usho.” UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha. UJeftha wayesethumela izithunywa enkosini yakwa-Amoni, wathi kuyo: “Yini lena ekhona phakathi kwethu, uze ufike uzolwa nezwe lami, na?” Inkosi yabakwa-Amoni yaphendula izithunywa zikaJeftha, yathi: “Kungenxa yokuba ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe wathatha izwe lami, kusukela e-Arinoni kuye eJabhoki kuze kube seJordani; ngakho-ke manje libuyise ngokuthula.” UJeftha waphinda wathumela izithunywa enkosini yabakwa-Amoni, wathi kuyo: “Yilokhu okushiwo nguJeftha, uthi abakwa-Israyeli abazange balithathe izwe lakwaMowabi nelabakwa-Amoni, kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi. Abakwa-Israyeli bathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, bathi: ‘Sicela usivumele sidabule ezweni lakho,’ kodwa inkosi yakwa-Edomi ayifunanga ukubalalela. Babuye bathumela nasenkosini yakwaMowabi, kodwa nayo yenqaba, ngakho-ke abakwa-Israyeli bahlala eKadeshi. “Base behamba ehlane, bazungeza izwe lakwa-Edomi nelakwaMowabi, baze bafinyelela empumalanga yezwe lakwaMowabi, bakanisa ngakolunye uhlangothi e-Arinoni. Kabangenanga endaweni yabakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni yayingumngcele kwaMowabi. “Abakwa-Israyeli bathumela izithunywa enkosini yama-Amori, uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, u-Israyeli wathi kuyo: ‘Sivumele sidabule ezweni lakho, sidlulele kwelethu.’ Kodwa uSihoni akazange abethembe abakwa-Israyeli ukuba bangadabula endaweni yakhe, ngakho-ke uSihoni waqoqa bonke abantu bakhe, wakanisa eJahazi, walwa no-Israyeli. “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamnikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sabakwa-Israyeli, bamnqoba, abakwa-Israyeli base belidla lonke izwe lama-Amori ayehlala lapho. Balidla lonke izwe lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuye eJabhoki, nasehlane kuze kube seJordani. “Ngakho-ke manje, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uwanqobile ama-Amori ukuze kuzuze abantu bakhe bakwa-Israyeli. Ngabe usophe ukudla izwe labo, na? Aneneliswa yini yizwe unkulunkulu wenu uKhemoshi aninike lona laba yifa lenu, na? Thina asifanele yini ukudla lonke izwe uSimakade uNkulunkulu wethu asinqobele lona ukuba libe yifa lethu, na? Pho wena ungcono yini kunenkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, na? Wake wabanga yini nabakwa-Israyeli, noma waya empini nabo, na? Ngesikhathi abakwa-Israyeli besahlala eHeshibhoni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nemizana yalo, nakuyo yonke imizi emaqondana ne-Arinoni, iminyaka engama-300, awuyithathanga ngani ngaleso sikhathi, na? Akuyimi engonileyo kuwe, kodwa nguwe owenza okubi kimi ngokulwa nami. Sengathi uSimakade ongumehluleli anganquma namuhla phakathi kwabakwa-Israyeli nabakwa-Amoni.” Nokho inkosi yakwa-Amoni ayizange iwashaye mkhuba amazwi uJeftha ayewathumele kuyo. UMoya kaSimakade wehlela phezu kukaJeftha, wadabula kwaGileyadi nakwaManase. Wedlulela eMizpha kwaGileyadi, wasuka eMizpha kwaGileyadi waya kubantu bakwa-Amoni. UJeftha wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma uyakunikela abakwa-Amoni esandleni sami, kuyothi noma yini eyophuma emnyango wendlu yami izongihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantu bakwa-Amoni, kube ngokukaSimakade, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.” UJeftha wayesedlulela kubantu bakwa-Amoni ukuba alwe nabo; uSimakade wabanikela esandleni sakhe. Wababulala kusukela e-Aroweri kuye kuyofika eMinithi, imizi engama-20, nase-Abhela Kheramimi. Abakwa-Amoni banqotshwa ngabakwa-Israyeli. UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo. Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, ndodakazi yami, waze wangilaya, wangibangela ukuhlupheka okukhulu. Phela ngivule umlomo wami ngakhuluma kuSimakade, manje angisakwazi ukusihoxisa isifungo sami.” Yathi kuye: “Baba, uma ukhulumile kuSimakade, yenza kimi njengalokhu ufungile, lokhu uSimakade ukuphindiselele ezitheni zakho, abantu bakwa-Amoni.” Yayisithi kuyise: “Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ngihambe, ngehlele ezintabeni, ukuze ngililele ubuntombi bami, mina nabangani bami.” Uyise wathi kuyo: “Hamba.” Wayihambisa izinyanga ezimbili; yahamba nabangani bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni. Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba, yonke iminyaka, amadodakazi akwa-Israyeli ahambe ayolilela indodakazi kaJeftha wakwaGileyadi izinsuku ezine.

AbAhluleli 11:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta. UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.” UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye. Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli. Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi. Athi kuJefta: “Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.” UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?” Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa-Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.” Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisa ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba yinhloko yenu.” Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.” UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa. UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi: “Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?” Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yathi kuzo izithunywa zikaJefta: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani, buyisani lawo mazwe ngokuthula.” UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni. Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi, u-Israyeli wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: ‘Ake ngidabule izwe lakho;’ kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi. “Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. “U-Israyeli wayesethuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, inkosi yaseHeshiboni; u-Israyeli wathi kuye: ‘Ake sidabule izwe lakho, siye endaweni yethu.’ Kodwa uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli. “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa-Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe. Badla izwe lonke lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki, kusukela ehlane kuze kube seJordani. “Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na? Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo. Pho, ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, na? Wake waphikisana no-Israyeli, wake walwa nabo na? U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo, nase-Aroweri nasemizaneni yalo, nasemizini yonke engaseceleni kwe-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na? Mina angikonanga, kepha wena wenza okubi kimi ngokulwa nami; uJehova uMahluleli makahlulele namuhla phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwa-Amoni.” Kodwa inkosi yabantwana bakwa-Amoni ayilalelanga amazwi kaJefta awathuma kuyo. Khona uMoya kaJehova wafika kuJefta, wadlula kwaGileyadi nakwaManase, wadlula naseMispa lakwaGileyadi; esuka eMispa lakwaGileyadi wadlulela kubantwana bakwa-Amoni. UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma uyakunikela impela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami, kuyakuthi noma yikuphi okuphuma eminyango yendlu yami ukungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantwana bakwa-Amoni, kube ngokukaJehova, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.” UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukulwa nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe. Wababulala kusukela e-Aroweri kuze kufike eMiniti, imizi engamashumi amabili, nase-Abela Keramimi ngokuceka okukhulu kakhulu. Kanjalo abantwana bakwa-Amoni banqotshwa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi. Kwathi lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, mntanami, ungithobisile kakhulu, ungomunye wabangihluphayo, ngokuba ngivulile umlomo kuJehova, angisenakubuya.” Wathi kuye: “Baba, uvulile umlomo wakho kuJehova; yenza kimi njengokuphumileyo emlonyeni wakho, lokhu uJehova ekuphindisele ezitheni zakho, abantwana bakwa-Amoni.” Yathi kuyise: “Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye, ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.” Wathi: “Hamba.” Wayimukisa izinyanga ezimbili; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni. Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda. Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.

AbAhluleli 11:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJefta wakwaGileyadi wayeliqhawe elinamandla, wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wazala uJefta. UmkaGileyadi wamzalela amadodana; amadodana omkakhe akhula, amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikudla ifa endlini kababa; ngokuba uyindodana yowesifazane ongaziwa. UJefta wayesebaleka phambi kwabafowabo, waya wahlala ezweni laseThobi; kwabuthela kuJefta amadoda ayize, aphuma naye. Ngemva kwesikhathi abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli. Kwathi lapho abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya ukumlanda uJefta ezweni laseThobi. Bathi kuJefta: “Woza ube yinhloko yethu, ukuze silwe nabantwana bakwa-Amoni.” UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga na, nangixosha endlini kababa na? futhi kungani niza Kimi manje nisenkingeni? Abadala bakwaGileyadi base bethi kuJefta: “Ngalokho siyabuyela kuwe manje, ukuze uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa-Amoni, ube ngumbusi wethu phezu kwabo bonke abakhileyo kwaGileyadi. Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba ngumholi wenu na? Abadala bakwaGileyadi base bethi kuJefta: “UJehova ungufakazi phakathi kwethu, uma singenzi njengokusho kwakho. UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi, abantu bammisa waba yinhloko nombusi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa. UJefta wayesethuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni ukuthi: “Nginamsebenzi muni nawe ukuba uze kimi ukulwa ezweni lami na?” Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yasiphendula izithunywa zikaJefta, yathi: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lami ekukhuphukeni kwabo eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJabhoki naseJordani; manje-ke buyisela lawo mazwe ekuthuleni. UJefta waphinda wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni. Wathi kuye: “Usho kanje uJefta, uthi: ‘U-Israyeli akalithathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni. Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi; U-Israyeli wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi ukuthi: ‘Mangidabule izwe lakho, kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga. Kanjalo bathumela enkosini yakwaMowabi, kepha ayivumanga; u-Israyeli wahlala eKadeshi. Base bedabula ihlane, balihaqa izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, bafika ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, bamisa ngaphesheya kwe-Arinoni, kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi. Ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi. U-Israyeli wathuma izithunywa kuSihon, ukumkani wama-Amori, ukumkani waseHeshbhon; u-Israyeli wathi kuye: “Sivumele sidabule ezweni lakho, siye endaweni yami.” Kepha uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule umkhawulo wakhe, kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahazi, walwa no-Israyeli. UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wamnikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sika-Israyeli, babanqoba; u-Israyeli walidla lonke ilizwe lama-Amori, abemi balelo zwe. Badla izwe lonke lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuze kube seJabhoki, kusukela ehlane kuze kube seJordani. Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla. Manje wena ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi? Wake walwa no-Israyeli, noma wake walwa nabo na? Lapho u-Israyeli ehlala eHeshiboni nasezindaweni ezingaphansi kwalo nase-Aroweri nemizila yayo nasemizini yonke engaseceleni kogu lwase-Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu na? pho kungani ungawabuyisanga phakathi naleso sikhathi? Ngakho mina kangonanga kuwe, kodwa wena wenza okubi kimi ngokulwa lami; uJehova uMahluleli uzakwahlulela lamuhla phakathi kwabantwana bakoIsrayeli labantwana bakoAmoni. Kodwa inkosi yabantwana bakoAmoni kayilalelanga amazwi kaJefitha eyayiwathumile. UMoya kaJehova wehlela phezu kukaJefta, wadabula kwaGileyadi noManase, wadabula eMispa kwaGileyadi, wadlula eMispa kwaGileyadi, waya kubantwana bakwa-Amoni. UJefta wenza isithembiso kuJehova, wathi: “Uma unikela abantwana bakwa-Amoni esandleni sami ngaphandle kokulibala, Khona-ke konke okuphuma eminyango yendlu yami kuyakungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula ngivela kubantwana bakwa-Amoni, kungokukaJehova ngempela, futhi ngizokunikela njengomnikelo wokushiswa. UJefta wayesedlulela kubantwana bakwa-Amoni ukuba alwe nabo; uJehova wabanikela esandleni sakhe. Wabachitha kusukela e-Aroweri kwaze kwaba seMiniti, imizi engamashumi amabili nasethafeni lezivini, ngokuceka okukhulu kakhulu. Bathotshiswa kanjalo abantwana bakwa-Amoni phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. UJefta wafika endlini yakhe eMispa; futhi wayezelwe yedwa; ngaye wayengenandodana nandodakazi. Kwathi embona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Awu, ndodakazi yami! Ungithobise kakhulu, ungomunye wabangithusayo, ngokuba ngivulile umlomo wami kuJehova, anginakubuyela emuva. Wathi kuye: “Baba, uma uvule umlomo wakho kuJehova, yenza kimi njengokuphuma emlonyeni wakho; ngoba uJehova ukuphindisele ezitheni zenu, abantwana bakoAmoni. Wathi kuyise: “Makube kimi lokhu: Ake ngime izinyanga ezimbili, ngehle ngehle ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.” Wathi: “Hamba!” Wayimukisa izinyanga ezimbili, yahamba nabangane bayo, yakhalela ubuntombi bayo ezintabeni. Kwathi ekupheleni kwezinyanga ezimbili yabuyela kuyise, owenza kuyo njengesithembiso sakhe asithembisayo; futhi wayengazi muntu. Futhi kwaba umkhuba kwa-Israyeli, ukuthi amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba iminyaka ngeminyaka ukuyililela indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.