EkaJakobe 5:13-16
EkaJakobe 5:13-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ukhona yini phakathi kwenu ohluphekayo? akakhuleke. Ingabe kukhona okujabulisayo? makahube amahubo. Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? makabize amalunga ebandla; kabakhuleke phezu kwakhe, bamgcobe ngamafutha ebizweni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; uma enzile izono, uyakuthethelelwa. Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.
EkaJakobe 5:13-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke. Ukhona onamileyo na? Makahube. Ukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uyakuthethelelwa zona. Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.
EkaJakobe 5:13-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube. Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona. Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
EkaJakobe 5:13-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)