U-Isaya 65:20 - Compare All Versions

U-Isaya 65:20 ZUL20 (IsiZulu 2020)

“Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe.

U-Isaya 65:20 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

“Kusukela lapho akusayikuba khona ingane yezinsuku nje nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba omusha uyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.

U-Isaya 65:20 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngeke kusaba khona usana lwezinsuku, noma ixhegu elingakazigcwalisi izinsuku zalo; ngoba umfana uyakufa eleminyaka eyikhulu; kepha isoni esineminyaka eyikhulu siyakuqalekiswa.