U-Isaya 59:19 - Compare All Versions

U-Isaya 59:19 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Labo abasentshonalanga bayakulesaba igama likaSimakade, abasempumalanga besabe inkazimulo yakhe, ngokuba uyakufika njengomfula ongenisayo, oqhutshwa ngumoya kaSimakade.

U-Isaya 59:19 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.

U-Isaya 59:19 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngakho bayolesaba igama likaJehova kusukela entshonalanga nenkazimulo yakhe kusukela ekuphumeni kwelanga. Lapho isitha sifika njengozamcolo, uMoya kaJehova uyakusiphakamisela ibhanela.