U-Isaya 52:14-15 - Compare All Versions
U-Isaya 52:14-15 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Njengalokhu babebaningi abamangala ngayo, ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo, kunesamadodana abantu; kanjalo iyokwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayovala imilomo ngenxa yayo, ngokuba ayobona lokho angazange akutshelwe, nalokho angakaze akuzwe, ayokuqonda.
U-Isaya 52:14-15 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Njengalokhu abaningi bamangala ngayo ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.
U-Isaya 52:14-15 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Abaningi bamangala ngawe; ubuso bakhe bawonakele ngaphezu kwawo wonke umuntu, futhi isimo sakhe ngaphezu kwabantwana babantu. Ngakho-ke uyofafaza izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo kuye; ngoba lokho abangatshelwanga khona, bazakubona; futhi abangakuzwanga, bayokulalela.