U-Isaya 51:1-16 - Compare All Versions

U-Isaya 51:1-16 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enimfunayo uJehova; bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo, nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo. Bhekani ku-Abrahama uyihlo, nakuSara owanizalayo, ngokuba eseyedwa ngambiza, ngambusisa, ngamandisa. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela. “Ngizweni, bantu bami, ningibekele indlebe nina sizwe sami, ngokuba kuyakuphuma kimi umthetho, ngibeke ukwahlulela kwami kube ngukukhanya kwabantu. Ukulunga kwami kuseduze, insindiso yami iphumile, izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami. Phakamiselani amehlo enu ezulwini, niwubheke umhlaba phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela. “Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo. Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na? Akusuwe owomisa ulwandle, amanzi asotweni olujulileyo, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela yokuba kuwele abahlengiweyo, na? Abahlawulelweyo bakaJehova bayakubuya, bafike eSiyoni bejabula; intokozo engapheliyo iyakuba semakhanda abo, bathole injabulo nentokozo, usizi nokububula kubaleke. “Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na? Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonke ngokufutheka komcindezeli njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na? Othotshisiweyo uyakushesha ukukhululwa; kayikufa, kayikwehlela egodini, kayikuswela isinkwa sakhe. NginguJehova uNkulunkulu wakho ovusa ulwandle, ukuze amaza alo ahlokome; nguJehova Sebawoti igama lakhe. Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho, ngikusibekele emthunzini wesandla sami, ukuze ngiwatshale amazulu, ngisibeke isisekelo somhlaba, ngithi kulo iSiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”

U-Isaya 51:1-16 ZUL20 (IsiZulu 2020)

“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo. Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa. Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona. “Ngizweni bantu bami, nibeke indlebe kimi, sizwe sami, ngokuba kuyakuphuma umthetho kimi, nobulungiswa bami bube ngukukhanya ezizweni. Ukulunga kwami sekusondele, insindiso yami isiphumile, izingalo zami ziyokwehlulela izizwe; iziqhingi ziyongilindela zethembele engalweni yami. Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela. “Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka. Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na? Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asotweni, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na? Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula. “Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na? Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na? Othotshisiweyo uyosheshe akhululwe; akayukufa, akayukwehlela egodini, futhi akayukuswela sinkwa. NginguSimakade uNkulunkulu wakho, onyakazisa ulwandle, amagagasi alo ahlokome; nguSimakade Wamabandla, igama lakhe. Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”

U-Isaya 51:1-16 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngilaleleni nina eniphishekela ukulunga nina enifuna uJehova; bhekani idwala enaqoshwa kulo nomthombo womgodi enambiwa kuwo. Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aduduze zonke izincithakalo zalo; Uyakwenza ugwadule lwakhe lube njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaJehova; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa kulo, ukubonga nezwi lokuhuba. Ngilaleleni, bantu bami; futhi ngilalele, O sizwe sami, ngoba umthetho uyophuma kimi, futhi ngizokwenza umthetho wami uphumule njengokukhanya kubantu. Ukulunga kwami kuseduze; insindiso yami iphumile, izingalo zami ziyakwahlulela abantu; iziqhingi ziyongilinda, zithembele engalweni yami. Phakamiselani amehlo enu emazulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba amazulu ayoshabalala njengomusi, nomhlaba uyoguga njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe kanjalo; kepha insindiso yami iyoba phakade, nokulunga kwami akuyikuchithwa. Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo. Ngokuba inundu liyakubadla njengengubo, nempethu iyobadla njengoboya bezimvu; kepha ukulunga kwami kuyakuma phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane. Vuka, vuka, wembathe amandla, ngalo kaJehova! vuka, njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasendulo. Akuwena yini owagawula uRahabi, washaya udrako? Akusuwe yini owomisa ulwandle, amanzi otwa olukhulu; ukuthi ukujula kolwandle kwenza abahlengwayo badabule indlela? Ngakho abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni ngokuthokoza; futhi injabulo yaphakade iyoba phezu kwekhanda labo; bayothola intokozo nentokozo; usizi nokulila kuyakubaleka. Mina nginguye oniduduzayo: ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe njengotshani; Futhi ukhohlwe uJehova, uMdali wakho, oweneka izulu nowabeka izisekelo zomhlaba; futhi wesaba njalonjalo izinsuku zonke ngenxa yolaka lomcindezeli, njengokungathi uselungele ukubhubhisa? luphi ulaka lomcindezeli na? Isiboshwa siyashesha ukukhululwa, singafele emgodini, nokuthi isinkwa saso sinqamuke. Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owahlukanisa ulwandle, amaza alo ahlokoma; nguJehova Sebawoti igama lakhe. Futhi ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho, futhi ngakusibekela emthunzini wesandla sami, ukuze ngitshale amazulu futhi ngibeke izisekelo zomhlaba futhi ngithi kulo iSiyoni: Ningabantu bami.