U-Isaya 46:10-11 - Compare All Versions

U-Isaya 46:10-11 ZUL20 (IsiZulu 2020)

owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami, obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.

U-Isaya 46:10-11 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami, mina engibiza inqe empumalanga nomuntu wecebo lami ezweni elikude; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.

U-Isaya 46:10-11 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami; Ubiza inyoni yasempumalanga, umuntu ezweni elikude ofeza icebo lami; yebo, ngikukhulumile, ngizokwenza futhi; Bengikuhlosile, nami ngizokwenza.