U-Isaya 46:1-13
U-Isaya 46:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UBheli uyaguqa, uNebho uyakhothama; izithombe zabo ezibaziweyo zingezezilwane nezezinkomo; lezi zinto enizithweleyo zingumthwalo onzima ezilwaneni ezikhatheleyo. Bayazikhothamela, baguqe kanyekanye; azinakuwukhulula umthwalo, kodwa nabo luqobo baya ekuthunjweni. “Ngilalele, wena ndlu kaJakobe, yonke insali yabendlu ka-Israyeli engayimitha ngaze ngayizala, ngayithwala esibelethweni. Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule. “Niyongifanisa nobani, niyongilinganisa nobani, ningiqhathanise nobani ukuba sifane na? Abathulula igolide esikhwameni, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandisiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke. Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe. “Khumbulani lokhu, nime isibindi, cabangani futhi ezinhliziyweni zenu, nina benzi bokubi. Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami, owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami, obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza. Ngilaleleni nina abanhliziyo zilukhuni, nina enikude nokulunga. Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”
U-Isaya 46:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo, banzima ezilwaneni eziyethileyo. Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye, azinakuwukhulula umthwalo; nabo uqobo baya ekuthunjweni. “Ngilalele wena ndlu kaJakobe, yonke insali yendlu yakwa-Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni. Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule. “Niyakungifanisa, ningilinganise nobani, ningiqathanise nobani ukuba sifanane na? Abathulula igolide esikhwameni yini, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke, na? Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe. “Khumbulani lokhu, nime niqinile, nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi. Khumbulani izinto zakuqala zamandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami, engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami, mina engibiza inqe empumalanga nomuntu wecebo lami ezweni elikude; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza. Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga. Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.
U-Isaya 46:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UBeli wakhothama, uNebo wakhothama, izithombe zabo zaziphezu kwezilwane nezinkomo; izinqola zakho zazithwele kanzima; ziwumthwalo esilwaneni esikhathele. Bayakhothama, bakhothame kanyekanye; abakwazanga ukukhulula umthwalo, kodwa bona bathunjwa. Ngizwe, wena ndlu kaJakobe, kanye nayo yonke insali yendlu ka-Israyeli, enanithwala kwasesiswini, enanithwalwa kwasesiswini. Naseminyakeni yenu nginguye; ngisho nasezinweleni ezimpunga ngiyonithwala; Ngenzile, futhi ngiyakuthwala; nami ngiyakunithwala, nginisindise. Niyakungifanisa nobani, ningilinganise, ningiqhathanise, ukuze sifane nathi, na? Bakhipha igolide esikhwameni, bakala isiliva esikalini, baqasha umkhandi wegolide; futhi ulenza libe unkulunkulu; bayawa phansi, yebo, bayakhuleka. Bayamthwala emahlombe abo, bamthwale, bambeke endaweni yakhe, ame; kayikusuka endaweni yakhe; yebo, kukhona oyombiza, kodwa akakwazi ukuphendula noma ukophula osizini lwakhe. Khumbulani lokhu, nibonise amadoda enu; zikhumbuzeni nina benzi bobubi! Khumbulani izinto zakuqala zasendulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akakho omunye; nginguNkulunkulu, akakho onjengami, ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami; Ubiza inyoni yasempumalanga, umuntu ezweni elikude ofeza icebo lami; yebo, ngikukhulumile, ngizokwenza futhi; Bengikuhlosile, nami ngizokwenza. Ngilaleleni nina eninesibindi, enikude nokulunga. Ngisondeza ukulunga kwami; akuyikuba kude, nensindiso yami ayiyikulibala; ngiyakubeka insindiso eSiyoni ku-Israyeli, inkazimulo yami.