U-Isaya 43:11-28

U-Isaya 43:11-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Mina, Mina nginguSimakade, ngaphandle kwami akekho uMsindisi. Ngishilo, ngasindisa, ngamemezela, ngesikhathi kungakabi bikho nkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu. Nina ningofakazi bami,” kusho uSimakade. “Mina nginguNkulunkulu. Mina nginguye kwasemandulo. Akekho ongakusindisa okusesandleni sami, ngiyenza, ngubani ongakuvimba lokho na?” Usho kanje uSimakade uMhlengi wenu oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBhabhele, ngiyobehlisa bonke ababalekileyo, namaKhaledi ngemikhumbi, bememeza ngenjabulo. Mina nginguSimakade oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.” Usho kanje uSimakade odala indlela olwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola zempi; amahhashi, impi, namaqhawe, kulale uyaca kanyekanye kungabe kusavuka. Kucishwe, kucinywe njengentambo yesibani. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, sengizokwenza okusha, kuqhamuka khona manje; niyakubona na? Yebo, ngiyokwenza indlela ehlane, nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle: izimpisi nezintshe kuzongidumisa, ngokuba ngiveze amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi, ukuphuzisa abantu bami engibakhethileyo, abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami. “Nokho wena Jakobe, awuzange ungibize; nawe Israyeli, udiniwe yimi. Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho. Awungilethelanga ngamali ikhalamusi; awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kodwa ungethwese umthwalo ngezono zakho, wangikhathaza ngobubi bakho. “Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho. Ngikhumbuze, masiqagulisane, lubeke udaba lwakho, ukuze kubonakale ukuthi awunacala. Ukhokho wakho wokuqala wona, nabakukhulumelayo baphambukile kimi. Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele; uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe, no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”

U-Isaya 43:11-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi. Ngimemezele, ngisindisile, ngizwisile, kungakabikho unkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; yebo, ningofakazi bami,” usho uJehova, “mina nginguNkulunkulu. Yebo, kwasendulo nginguye; akakho ongophula esandleni sami; lapho ngisebenza, ngubani ongakuvimbela na?” Usho kanje uJehova, uMhlengi wenu, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBabele, ngiyakwehlisa bonke njengababaleki, namaKaledi ngemikhumbi yokujabula kwawo. NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu.” Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, amakhanka nezintshe, ngokuba ngiveza amanzi ehlane nemifula kwahlongasibi ukuphuzisa abantu bami abakhethiweyo, laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami. “Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli. Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka. Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awungisuthisanga ngamanoni emihlatshelo yakho, kepha ungisebenzisile ngezono zakho, ungidinisile ngobubi bakho. “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho. Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe. Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile. Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.

U-Isaya 43:11-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Mina, mina, nginguJehova; futhi ngaphandle kwami akakho umsindisi. Ngashumayela, ngakhulula, ngabonisa, kungekho nkulunkulu wabezizwe phakathi kwenu; ngalokho ningofakazi bami, usho uJehova, ukuthi nginguNkulunkulu. Yebo, ngaphambi kosuku enganginguye; futhi akakho ongophula esandleni sami. Ngizosebenza, futhi ubani ozokuvumela? Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Ngenxa yenu ngathumela eBabele, ngehlisela phansi zonke izikhulu zabo namaKaledi akukhala emikhunjini. NginguJehova oNgcwele wenu, uMdali ka-Israyeli, iNkosi yenu. Usho kanje uJehova, owenza indlela elwandle, nendlela emanzini anamandla; okhipha inqola, nehhashi, nempi, namandla; bayakulala phansi kanyekanye, abayikuvuka; Ningacabangi ngezinto zakuqala, ningacabangi ngezinto zasendulo. Bheka, ngiyakwenza okusha; manje liyakuhluma; ubungeke ukwazi? Ngiyakwenza indlela ehlane nemifula ogwadule. Izilwane zasendle ziyakungidumisa, izimpungushe nezikhova, ngokuba ngiyakuphuzisa abantu bami abakhethiweyo bami amanzi ehlane nemifula ehlane. Ngazibumbela laba bantu; bayakumemezela udumo lwami. Kepha awungibizanga, Jakobe; kodwa wadinwa yimi, Israyeli. Awungilethelanga amawundlu eminikelo yakho yokushiswa; futhi awungidumisanga ngemihlatshelo yakho. Angikwenzanga ukuba ukhonze ngomhlatshelo, angikukhathazanga ngempepho. Awungithengelanga umhlanga othaphukayo ngemali, awuzange ungisuthise ngamanoni ezinyama zakho; kepha wangikhonza ngezono zakho, wangidinisa ngobubi bakho. Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami futhi angikhumbuli izono zakho. Ngikhumbule; asilwe sodwa; ngimemezele, ukuze uthiwe ulungile. Uyihlo wokuqala wona, nabafundisi bakho baphambuka kimi. Ngalokho ngangcolisa izikhulu zendlu engcwele, ngamnikela uJakobe esiqalekisweni, no-Israyeli ehlazweni.