U-Isaya 41:17-20
U-Isaya 41:17-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kodwa abawafumani, ulimi lwabo lugagadekile wukoma; Mina Simakade ngiyakubaphendula, Mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyukubashiya. Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho, nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyalenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi. Ngiyakutshala umsedari ehlane, umtholo, umbomvana, nomnqumo, ngibeke kwahlongasibi umsayiphuresi, umthidari nomkhoba kanyekanye, ukuze babone futhi bazi, baqaphele, babe nokuqonda ukuthi yisandla sikaSimakade esenze lokho, nokuthi ngoNgcwele ka-Israyeli okudalile.
U-Isaya 41:17-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya. Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi. Ngiyakutshala umsedari* ehlane, umtholo, nombomvana, nomnqumo, ngibeke kwahlongasibi umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye, ukuze babone, bazi, baqaphele, baqonde kanyekanye ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile lokhu nokuthi oNgcwele ka-Israyeli wakudala.
U-Isaya 41:17-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho abampofu nabampofu befuna amanzi, kodwa awekho, nolimi lwabo luphele ukoma, mina, Jehova, ngizobaphendula, mina, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngeke ngibashiye. Ngiyakuvula imifula ezindaweni eziphakemeyo nemithombo ezigodini; Ngiyakwenza ugwadule lube yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi. Ngiyakutshala ehlane umsedari, umtholo, nemibomvana, neminqumo; Ngiyakuhlalisa isihlahla sophayini, nephayini, nesihlahla sebhokisi, kuhlale ndawonye ehlane; ukuze babone kanyekanye bazi, babone, baqonde ukuthi isandla sikaJehova sikwenzile nokuthi oNgcwele ka-Israyeli ukudalile.