U-Isaya 35:6 - Compare All Versions

U-Isaya 35:6 ZUL20 (IsiZulu 2020)

izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.

U-Isaya 35:6 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.

U-Isaya 35:6 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Khona oyisishosha uyakugxuma njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba kuyakubhoboka amanzi ogwadule, nemifudlana ehlane.