U-Isaya 31:1-9
U-Isaya 31:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade! Naye uhlakaniphile, uletha inhlekelele, kalibuyiseli emuva izwi lakhe, kodwa uyomelana nendlu yababi, nosizo lwabenza okubi. AbaseGibhithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, namahhashi abo ayizilwane, awasiwo umoya. Lapho uSimakade elula isandla sakhe, umsizi uyokhubeka, nosizwayo awe, babhubhe kanyekanye. Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo. Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda, kanjalo uSimakade Wamabandla uyolivikela iJerusalema, uyolivikela, alisindise, adlule phezu kwalo, alikhulule.” Nina bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuye lona enimhlubuke kakhulu kangaka. Ngokuba ngalolo lusuku, kuyoba yilowo nalowo alahle izithombe ezibaziweyo zesiliva nezegolide, enizenze ngezandla zenu zaba yisono senu. “Abase-Asiriya bayofa ngenkemba, kungeyona eyomuntu; inkemba okungesiyona eyomuntu iyobaqothula, bayothi galo yephuka phambi kwenkemba. Izinsizwa zakhona ziyoba yizisebenzi ezingakhokhelwa. Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo, izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela, ngenxa yokudangala,” kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.
U-Isaya 31:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni. Nokho naye uhlakaniphile, uyakuletha okubi; akayikubuyisa amazwi akhe, kepha uyakuvukela indlu yababi nosizo lwabenza okubi. AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye. Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi: “Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo, lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo, lingazithobi ngomsindo wabo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo. Njengezinyoni ezindizayo kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti, uyakulivikela iJerusalema; uyakulivikela, alophule, alidlule, alikhulule.” Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli. Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu. “I-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungengamuntu, nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda; liyakubalekela usiko lwenkemba, kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo. Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”* usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.
U-Isaya 31:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Maye kulabo abehlela eGibhithe ukuze bathole usizo; bahlala emahhashini, bethemba izinqola, ngokuba ziziningi; nangabamahhashi, ngokuba banamandla kakhulu; kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli futhi abamfuni uJehova! Kodwa futhi uhlakaniphile futhi uyoletha ububi futhi akakhumbuli amazwi akhe; kepha uyakuvukela indlu yabenzi bokubi nosizo lwabenza okubi. AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu; namahhashi abo ayinyama, awawona umoya. Uma uJehova eselula isandla sakhe, abasizayo bayakuwa, nabasizwayo bayakuwa, bahluleke kanyekanye. Ngoba itsho njalo kimi iN kosi, isithi: Njengesilwane lebhongo lesilwane elibhongela impango yayo, lapho abelusi bebizelwa phezu kwayo, kayiyikwesaba ilizwi labo, kayikuzithoba ngenxa yomsindo yabo hhayi. Kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwele intaba yaseSiyoni negquma layo. Njengezinyoni ezindizayo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakulivikela iJerusalema; futhi avikele yena uyokusindisa; futhi uzoyigcina. Phendukelani kuye abamhlubuka kakhulu abantwana bakoIsrayeli. Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezoniswe ngazo izandla zenu. Khona i-Asiriya liyakuwa ngenkemba, kungabi ngeqhawe; nenkemba engesiye eyomuntu iyakumqeda; kodwa uyobalekela inkemba, nezinsizwa zakhe ziyokwesaba. Iyakukhuphukela enqabeni yayo ngokwesaba, izikhulu zayo ziyesabe ibhanela,” usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nesithando sakhe siseJerusalema.