U-Isaya 20:3-4 - Compare All Versions
U-Isaya 20:3-4 ZUL20 (IsiZulu 2020)
USimakade wathi: “Njengalokhu inceku yami, u-Izaya, isihambe nqunu ingafake nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibhithe naseKhushe. Inkosi yase-Asiriya iyobahambisa benqunu abathunjwa baseGibhithe, nabaxoshiweyo baseKhushe: abadala nabancane, izinqe ziyoba sobala, kube yihlazo eGibhithe.
U-Isaya 20:3-4 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehova wathi: “Njengalokhu inceku yami u-Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu, iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe, kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.
U-Isaya 20:3-4 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Wayesethi uJehova: “Njengokuba inceku yami u-Isaya yahamba ze futhi ingafakile izicathulo iminyaka emithathu, kube yisibonakaliso nesimangaliso phezu kweGibhithe neKushe; Kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakuthumba abathunjwa baseGibithe, nabathunjwa bamaKushe, abasha nabadala, benqunu, nqunu, izinqe zabo zembuliwe, kube yihlazo laseGibithe.