U-Isaya 2:12-17 - Compare All Versions

U-Isaya 2:12-17 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe, naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni, emide nephakemeyo, naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani, naphezu kwazo zonke izintaba ezinde, naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo, naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo, naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo. Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku

Dlulisela
U-Isaya 2 ZUL59

U-Isaya 2:12-17 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa; amelane nayo yonke imisedari eLebhanoni ezidlayo nephakemeyo, nayo yonke imi-okhi eBhashani, nazo zonke izintaba eziphakemeyo, nawo wonke amagquma aphakemeyo, nayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, nazo zonke izingange eziqinisiweyo, nemikhumbi yonke eTharishishi, nazo zonke izinto ezinxanelekayo. Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.

Dlulisela
U-Isaya 2 ZUL20

U-Isaya 2:12-17 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngokuba usuku lukaJehova Sebawoti luyakuba phezu kwabo bonke abazidlayo nabakhukhumeleyo, naphezu kwabo bonke abaziphakamisayo; futhi uyothotshiswa. Naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni ephakemeyo nephakemeyo, naphezu kwawo wonke ama-oki aseBashani; naphezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphezu kwawo wonke amagquma aphakemeyo; Naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakeme naphezu kwazo zonke izindonga ezibiyelwe, naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi naphezu kwazo zonke izithombe ezithandekayo. Ukuphakama komuntu kuyakuthotshiswa, nokuphakama kwabantu kuyakuthotshiswa; uJehova yedwa oyakuba phezulu ngalolo suku.

Dlulisela
U-Isaya 2 CZB24