U-Isaya 2:1-15 - Compare All Versions

U-Isaya 2:1-15 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Indaba eyabonwa ngu-Izaya, indodana ka-Amozi, maqondana noJuda neJerusalema. Kuyothi ngezinsuku zokugcina, intaba yendlu kaSimakade imiswe njengephakeme kunezintaba, iphakame kunamagquma; zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo. Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema. Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa. Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade. Ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga; sebengabalumbi njengamaFilisti, bamdibimunye nabantwana babezizwe. Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, ingcebo yabo ayinakubalwa; izwe labo ligcwele amahhashi, izinqola zabo zempi azinakubalwa. Izwe lakubo ligcwele izithombe ezibaziweyo; bakhothamela umsebenzi wezandla zabo, owenziwe yiminwe yabo. Ngakho-ke bonke abantu bathotshisiwe, bonke behliswa isithunzi; ungabathetheleli. Ngena edwaleni, ucashe othulini, ngenxa yokwesabeka kukaSimakade nenkazimulo yobukhosi bakhe. Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku. Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku ayakumelana ngalo nabo bonke abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo, bonke bayothotshiswa; amelane nayo yonke imisedari eLebhanoni ezidlayo nephakemeyo, nayo yonke imi-okhi eBhashani, nazo zonke izintaba eziphakemeyo, nawo wonke amagquma aphakemeyo, nayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, nazo zonke izingange eziqinisiweyo

Dlulisela
U-Isaya 2 ZUL20

U-Isaya 2:1-15 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Abantu abaningi bayakuhamba, bathi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. Wena ndlu kaJakobe, woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova. Ngokuba ushiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, lokhu begcwele ezasempumalanga, behlola imihlola njengamaFilisti, bexhawulana nabantwana babezizwe. Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide, akukho ukuphela kwengcebo yabo; izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi, nokuphela kwezinqola akukho. Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe; bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo nakwekwenzileyo iminwe yabo. Kepha abantu bayakufoliswa, namadoda ayakuthotshiswa; abayikuthethelelwa. Ngena edwaleni, ucashe othulini ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe. Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa, nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku. Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe, naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni, emide nephakemeyo, naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani, naphezu kwazo zonke izintaba ezinde, naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo, naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo, naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo

Dlulisela
U-Isaya 2 ZUL59

U-Isaya 2:1-15 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Izwi u-Isaya, indodana ka-Amose, alibonayo ngoJuda neJerusalema. Ekupheleni kwezinsuku intaba yendlu kaJehova iyakuma iqine esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma; izizwe zonke ziyakubuthanela khona. Futhi abantu abaningi bayohamba bathi: Wozani sikhuphukele entabeni yeNkosi, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; futhi uyosifundisa izindlela zakhe, futhi sizohamba emikhondweni yakhe; ngoba eSiyoni kuyakuphuma umthetho nezwi likaJehova eJerusalema. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, asole abantu abaningi, bakhanda izinkemba zabo zibe ngocelemba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. O ndlu kaJakobe, wozani sihambe ekukhanyeni kukaJehova. Ngakho ubalahlile abantu bakho, indlu kaJakobe, ngoba bagcwele empumalanga, bangamadlozi njengamaFilisti, bajabulela abantwana bezizweni. Izwe labo ligcwele isiliva negolide, ingcebo yabo ayipheli; izwe labo ligcwele amahhashi, nezinqola zabo azipheli. Izwe labo ligcwele izithombe; bakhonza umsebenzi wezandla zabo, owenziwe yiminwe yabo; Futhi umuntu ophansi uyakhothama, nomuntu omkhulu uyazithoba; ngakho ungabathetheleli. Ngena edwaleni ucashe othulini ngokumesaba uJehova nangenxa yobukhosi bakhe. Amehlo omuntu aphakemeyo ayakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kuyakuthotshiswa, kube nguJehova yedwa ophakeme ngalolo suku. Ngokuba usuku lukaJehova Sebawoti luyakuba phezu kwabo bonke abazidlayo nabakhukhumeleyo, naphezu kwabo bonke abaziphakamisayo; futhi uyothotshiswa. Naphezu kwayo yonke imisedari yaseLebanoni ephakemeyo nephakemeyo, naphezu kwawo wonke ama-oki aseBashani; naphezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphezu kwawo wonke amagquma aphakemeyo; Naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakeme naphezu kwazo zonke izindonga ezibiyelwe

Dlulisela
U-Isaya 2 CZB24