U-Isaya 14:3-14
U-Isaya 14:3-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuyothi lapho uSimakade eseniphumuzile ebuhlungwini, enhluphekweni, nasemsebenzini onzima ababenenzisa wona, nihaye le ngoma, nedelele inkosi yaseBhabhele, nithi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokuqedwa kokuqhosha! USimakade waphule induku yezikhohlakali nentonga yababusi, eyashaya abantu ngentukuthelo ingaphezi, yabusa izizwe ngolaka nangokucindezela okunganqandekiyo. Wonke umhlaba uphumule, unokuthula; kuqhumuke inhlokomo kubantu. Ngisho imisayiphuresi nemisedari eLebhanoni, iyathokoza ngawe, ithi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akukho mgawuli okhuphukele kithi ukuba asigawule.’ Indawo yabafileyo phansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze uma ufika kuyo, ikuvusele izithunzi zazo zonke izikhulu zomhlaba, isukumise wonke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi. Wonke ayophendula, athi kuwe: ‘Kanti nawe usubuthakathaka njengathi, usufana nathi?’ Ukuphakama kwakho sekwehliselwe endaweni yabafileyo, kanjalo nomsindo wezingubhu zenu; izimpethu zendlaliwe phansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela. “Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni. Ngiyokhuphuka ezindaweni eziphakemeyo phezu kwamafu, ngizenze ngibe njengoPhezukonke.’
U-Isaya 14:3-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo, uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa! UJehova waphulile udondolo lwababi nentonga yababusi eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga. Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela. Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe, kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akakho umgawuli okhuphukela kithina.’ Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi. Onke ayakuthatha athi kuwe: Nawe usubuthakathaka njengathi, usufana nathi, na? Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo, umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela. “Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’
U-Isaya 14:3-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyakuthi ngosuku uJehova aniphumuze ngalo osizini lwakho, nasekwesabeni kwakho, nasebugqileni obunzima obukhonzwe ngabo, niphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele nithi: ‘Yeka ukuthi uphelile kanjani umcindezeli! umuzi wegolide umile! UJehova uyaphule intonga yababi kanye nentonga yobukhosi yababusi. Owashaya abantu ngokuthukuthela ngokushaywa njalo, owabusa izizwe ngolaka, uyazingelwa, akavinjwa muntu. Umhlaba wonke uyaphumula, uthule; baqhume bejabula. Yebo, imisayipuresi iyajabula ngawe, nemisedari yaseLebanoni, ithi: ‘Selokhu walalisa phansi, akakho umgundi okhuphukele kithi. Isihogo esingaphansi silungiselelwe wena ukuba sikuhlangabeze ekufikeni kwakho; kwabangela ukuba wonke amakhosi ezizwe aphakame ezihlalweni zawo zobukhosi. Bazakhuluma bonke, bathi kuwe: Lawe usubuthakathaka njengathi yini? usufana nathi? Ubukhazikhazi bakho behlele eHayidesi, nomsindo wezingubhu zakho; Wawa kanjani ezulwini, wena Lusifa, ndodana yokusa! unqunyulwe phansi kanjani, wena othuya izizwe! Ngoba wena wathi enhliziyweni yakho: Ngithanda ukukhuphukela ezulwini, ngizaphakamisa isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyakuhlala entabeni yokuhlangana, emagumbini akude asenyakatho. Ngiyakwenyukela ngaphezu kweziqongo zamafu; ngizofana noPhezukonke.