KumaHeberu 10:19-25
KumaHeberu 10:19-25 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu. ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe; futhi sinompristi omkhulu phezu kwendlu kaNkulunkulu; Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo. Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;) Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle; singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.
KumaHeberu 10:19-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu, ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe, njengokuba sinomphristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo. Masibambisise isivumo sethemba lethu; singantengantengi, ngokuba uthembekile lowo owethembisayo. Masinakekelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle. Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela.
KumaHeberu 10:19-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo; masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo; masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
KumaHeberu 10:19-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu. Ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe; futhi sinompristi omkhulu phezu kwendlu kaNkulunkulu; Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo. Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;) Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle; singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.