UHabakuki 1:12-17 - Compare All Versions

UHabakuki 1:12-17 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele, awusiye yini owasemandulo na? Asiyukufa; usinqumele ukwehlulelwa; Wena Dwala, usibekele ukujeziswa. Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na? Wenze abantu banjengezinhlanzi zasolwandle, nanjengezilwane ezinwabuzelayo ezingenambusi. Uyabakhipha bonke ngodobo, abahudule ngenetha lakhe, abaqoqele enetheni lakhe elihudulwayo, ngalokho-ke uyathokoza, ajabule. Ngakho-ke uhlabela inetha lakhe, alishisele impepho inetha lakhe elihudulwayo, ngokuba isabelo sakhe sinokudla okuningi, unokwanele azokudla. Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, aqhubeke nokubhubhisa izizwe, angashiyi namunye.

UHabakuki 1:12-17 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele, awungowasendulo na? Asiyikufa; Jehova, usinqumele ukwahlulelwa; wena Dwala, usimisele ukujeziswa. Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi, ungenakubheka ukuhlanekezela, ubhekelani abakhohlisayo, uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye, wenze abantu babe njengezinhlanzi zaselwandle, njengezilwanyana ezinwabuzelayo ezingenambusi phezu kwazo na? Uyabakhipha bonke ngodobo, abadonse ngenetha, ababuthe ngenetha lakhe elihudulwayo; ngalokho uyathokoza, uyajabula. Ngalokho uyahlabela inetha lakhe, ashisele inetha lakhe elihudulwayo impepho, ngokuba isabelo sakhe siyanona ngakho, kube mnandi ukudla kwakhe. Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe, abulale njalo izizwe ngokunganqamukiyo, na?

UHabakuki 1:12-17 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Wena Jehova, Nkulunkulu wami, oNgcwele wami, awungowaphakade na? ngeke sife. Jehova, wabamisela ukwahlulela; futhi, O Nkulunkulu onamandla, wabaqinisekisa ukuba baqondiswe. Unamehlo ahlanzekile kunokuba ubuke okubi, futhi awukwazi ukubona ububi; Ubabhekelani abakhohlisayo, ubambe ulimi lwakho, lapho omubi edla olungile kunaye, na? Wenza abantu babe njengezinhlanzi zolwandle, njengezilwanyana ezinwabuzelayo ezingenambusi phezu kwazo? Bayabaphakamisa bonke ngengwegwe, bababambe emanetheni abo, babaqoqe emanetheni abo; ngalokho bayajabula, bajabule. Ngakho bayazihlabela bona kuphela, kuqhamuke intuthu ekuhuduleni kwabo; ngokuba isabelo sabo sinonile kanye nokudla kwabo kuchichima. Khona-ke ingabe bayothulula inetha labo futhi bayeke umzamo wokubulala izizwe?