UGenesise 9:20-29
UGenesise 9:20-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNowa owayengumlimi, waba ngowokuqala ukutshala isivini. Kuthe esephuze iwayini, lamdaka walala enqunu ethendeni lakhe. UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, waxoxela abafowabo ababengaphandle. UShemu noJafethi bathatha ingubo bayibeka emahlombe abo, bahlehla nyovana, bangena, babufihla ubunqunu bukayise. Babufulathelisa ubuso babo ukuze bangabuboni ubunqunu bukayise. Kwathi lapho selidamukile iwayini kuNowa, wezwa ukuthi indodana yakhe encane yenzeni kuye, wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.” Wabuye wathi futhi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu, uKhanani makabe yisigqila sikaShemu. UNkulunkulu makamnike indawo ebanzi uJafethi, ahlale emathendeni kaShemu, uKhanani abe yisigqila sabo.” Emva kukazamcolo uNowa waphila iminyaka engama-350. Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguNowa yaba ngama-950, wayesefa.
UGenesise 9:20-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini. Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe. UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle. OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise. UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane. Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.” Wathi futhi: “Ubusisiwe uJehova, uNkulunkulu kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo. UNkulunkulu amandise uJafete, ahlale ematendeni kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo.” Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu. Izinsuku zonke zikaNowa zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu.
UGenesise 9:20-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNowa waqala ukuba ngumlimi, watshala isivini. Waphuza iwayini, wadakwa; wayenqunu etendeni lakhe. UHamu, uyise kaKhanani, wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo ababili ngaphandle. OShemi noJafete bathatha ingubo, bayibeka emahlombe abo bobabili, bahlehla nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo bubheke emuva, ababonanga ubunqunu bukayise. UNowa waphaphama ewayinini lakhe, wakwazi lokho indodana yakhe encane eyayikwenzile kuye. Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani; kufanele abe yisigqila sezinceku kubafowabo. Wathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu kaShemu! uKhanani abe yinceku yakhe. UNkulunkulu uyokwandisa uJafete, futhi uyohlala ematendeni kaShemi; uKhanani abe yinceku yakhe. UNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu emva kukazamcolo. Zonke izinsuku zikaNowa zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu, wayesefa.