UGenesise 9:1-4
UGenesise 9:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba. Konke ngikwethula ezandleni zenu: izinyoni zezulu nezilwane zonke zomhlaba, nezilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinhlanzi zolwandle; kuyakwehlelwa wuvalo, kunesabe, kuthuthumele. Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke. Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.
UGenesise 9:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba. Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu. Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza. “Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.
UGenesise 9:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wambusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba. Ukwesabeka kwenu kuyakuba phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi zolwandle; zinikelwe esandleni sakho. Konke okuphilayo kuzakuba ngukudla kwenu; njengekhambi eliluhlaza ngikunike konke. Kepha inyama enomphefumulo wayo, okuyigazi layo, aniyikuyidla.