UGenesise 45:1-28

UGenesise 45:1-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJosefa wayengasakwazi ukuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala, wathi: “Khiphani bonke abanye abalapha phambi kwami.” Kwakungasekho muntu ngesikhathi uJosefa eziveza kubafowabo. Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro. UJosefa wathi kubafowabo: “NginguJosefa. Ubaba usaphila na?” Abafowabo abakwazanga ukumphendula, ngoba babethuke kakhulu. UJosefa wathi kubafowabo: “Sondelani kimi.” Basondela, wayesethi kubo: “NginguJosefa umfowenu, enathengisa ngaye eGibhithe. Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo. Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa. UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi. Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe. “Ningabe nisapholisa maseko, yanini kubaba nifike nithi kuye: ‘UJosefa indodana yakho, ithi: uNkulunkulu ungibeke ngaba ngumbusi walo lonke iGibhithe, ungabe usalibala, yehla uze kimi. Uyohlala eGosheni ukuze ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabazukulu bakho, nemihlambi yakho yonke yezimvu nezinkomo, nakho konke onakho. Ngizonondla nikuleyo ndawo, wena nabendlu yakho, nabo bonke abangabakho, ngokuba kusazokuba yiminyaka emihlanu indlala isalokhu idlangile.’ ” “Nani niyazibonela, ngisho nomnawami uBhenjamini uyazibonela ukuthi yimina mathupha uJosefa osho lawa mazwi kini. Nimbikele ubaba ngakho konke ukuhlonipheka kwami eGibhithe, nangakho konke enikubonileyo, bese nisheshe nimehlisa eze lapha.” Wazilahlela entanyeni yomfowabo uBhenjamini, wakhala; noBhenjamini wakhalela entanyeni yakhe. Wabanga bonke abafowabo ngamunye, ekhala. Emveni kwalokho abafowabo baxoxa naye. Kwafika umbiko endlini kaFaro, othi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle lokho kuFaro nasezincekwini zakhe. UFaro wathi kuJosefa: “Yisho kubafowenu uthi: ‘Yethwesani izimbongolo zenu, nihambe niye eKhanani, nithathe uyihlo nemindeni yenu nize kimi, ukuze ngininike eyekhethelo eGibhithe, nitamuze okuhle kwalo.’ “Ngiyakuyala, batshele ukuthi ngithi: ‘Zithatheleni nina nomkenu nabantwana benu izinqola lapha eGibhithe, nigibelise uyihlo nize naye lapha. Ningakhathazeki ngempahla yenu, ngokuba konke okuhle kwezwe eGibhithe kungokwenu.’ ” Amadodana ka-Israyeli enza njengalokhu eyaliwe. UJosefa wawanika izinqola nomphako njengokusho kukaFaro. Wabanika kwaba yilowo nalowo ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-300, nezingubo zakwanokusho ezinhlanu. Wayesethumelela uyise lokhu: izimbongolo eziyishumi zithwele amagugu aseGibhithe, nezimbongolo eziyishumi zezinsikazi zithwele okusanhlamvu, nezinkwa nokunye okungumphako kayise. Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.” Base bephuma, bakhuphuka eGibhithe baze bayofinyelela kuyise uJakobe eKhanani. Bambikela bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke iGibhithe.” UJakobe waphela amandla, wakhungatheka, akaze abakholwa. Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni. U-Israyeli wathi: “Kwanele; uJosefa indodana yami usaphila. Ngizohamba ngiyombona ngingakafi.”

UGenesise 45:1-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo. Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa. Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe. Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo. Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo. UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu. “Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe. Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali. Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho, ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’ “Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina. Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe, nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.” Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini, wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe. Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye. Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe. UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani, nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’ “Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza. Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ” Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela. Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela. Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni. Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.” Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise. Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo. Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa. Wathi u-Israyeli: “Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.”

UGenesise 45:1-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJosefa wayengenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi ngakuye; wamemeza wathi: “Yilowo nalowo makasuke kimi.” futhi kwakungekho muntu owama ngakuye lapho uJosefa ezazisa kubafowabo. Wakhala ngezwi elikhulu, abaseGibithe nendlu kaFaro bakuzwa. Wayesethi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usaphila nabafowabo behluleka ukumphendula; ngoba babetshaywa luvalo phambi kobuso bakhe. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sondelani kimi.” Base besondela. Wathi: “Ngingumfowenu uJosefa enathengisa ngaye eGibithe.” Manje ningabi lusizi, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza ukuphila. Kule minyaka emibili kwakukhona indlala ezweni, futhi kuseneminyaka emihlanu okungayikuvuna ngayo noma kuvunwe. UNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukuba nginigcinele inzalo emhlabeni, ngisindise ukuphila kwenu ngokukhululwa okukhulu. Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe. Khuphukani masinyane niye kubaba nithi kuye: Isho kanje indodana yakho uJosefa: UNkulunkulu ungenze umbusi phezu kwalo lonke iGibithe; yehlela kimi, ungalibali. Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabantwana babantwana bakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho. Futhi lapho ngiyakunondla; ngoba kusasele iminyaka emihlanu yendlala; ukuthi wena nendlu yakho nakho konke onakho, ningaweli ebumpofu. Bhekani, amehlo enu ayabona, namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi ngumlomo wami okhuluma kini. Kumelwe nitshele ubaba ngayo yonke inkazimulo yami eGibhithe nangakho konke enikubonile; futhi kufanele nisheshe nehlise ubaba lapha. Wawela entanyeni kaBhenjamini umfowabo, wakhala; uBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe. Ngaphezu kwalokho, wabanga bonke abafowabo wakhala phezu kwabo; ngasemuva abafowabo bakhuluma kuye. Kwasekuzwakala umbiko endlini kaFaro, kwathiwa: “Abafowabo bakaJosefa bafikile, kwaba kuhle emehlweni kaFaro nezinceku zakhe.” UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho abafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu; bopha izinkomo zakho, uye ezweni laseKhanani; nithathe uyihlo nezindlu zenu, nize kimi, ngininike okuhle kwezwe laseGibithe, nidle amanoni ezwe. Manje uyaliwe, kwenze; zithatheleni izinqola ezweni laseGibithe, nithathele abancane benu nabafazi benu, nilethe uyihlo, nize. Unganaki impahla yakho; ngoba okuhle kwezwe lonke laseGibhithe kungokwenu. Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo; uJosefa wabanika izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika ukudla kwendlela. Wabanika zonke izingubo ezahlukene; kepha uBenjamini wamnika amashekeli angamakhulu amathathu esiliva nezingubo zangaphansi eziyisihlanu. Wathumela kanjalo kuyise; izimbongolo eziyishumi, zithwele izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolo eziyishumi, zithwele amabele, nesinkwa, nenyama kayise endleleni. Wasebamukisa abafowabo, basebesuka, wathi kubo: Qaphelani ukuthi lingawa endleleni. Bakhuphuka besuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuyise uJakobe. Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga. Basebemtshela wonke amazwi kaJosefa abewakhulume kubo; lapho ebona izinqola uJosefa ayezithumele ukuba zimthwale, umoya kayise uJakobe waphila. Wayesethi u-Israyeli: “Sekwanele; Indodana yami uJosefa isaphila: Ngizohamba ngimbone ngingakafi.