I-Logo ye-YouVersion
IBhayibheliAmapulaniAmavidiyo
Thola i App
Okukhetha Ulimi
Isici soku Sesha

UGenesise 41:14-16

UGenesise 41:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro. UFaro wathi kuJosefa: “Ngiphuphile, kodwa akekho umuntu okwazi ukungichazela. Ngizwile ngawe ukuthi kuyothi uma ulizwa leli phupho bese ungichazela.” UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”

Dlulisela
Funda UGenesise 41

UGenesise 41:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro. Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.” UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”

Dlulisela
Funda UGenesise 41

UGenesise 41:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro. UFaro wayesethi kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, akakho ongalichaza; futhi ngizwile uthi uyakwazi ukuqonda iphupho ukuze ulichaze. UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukho kimi; uNkulunkulu uyakumphendula uFaro ngokuthula.”

Dlulisela
Funda UGenesise 41
I-YouVersion'

Ukukukhuthaza nokukubekela inselelo yokufuna ubudlelwano noNkulunkulu nsuku zonke.

Inkonzo

Mayelana

Imisebenzi

Volontiya

I-Blogi

Abezindaba

Izixhumanisi Eziwusizo

Usizo

Nikela

Izinguqulo zeBhayibheli

AmaBhayibheli Alalelwayo

Izilwimi zeBhayibheli

Ivesi losuku


Inkonzo yedijithali ye

Life.Church
English (US)

©2025 I-Life.Church / YouVersion

Inqubomgomo yobumfihloImibandela
Uhlelo Lokudalula Ubungozi
U-FacebookU-TwitterI-InstagramI-YouTubeI-Pinterest

Ikhaya

IBhayibheli

Amapulani

Amavidiyo